Ezenzeka emhlabeni jikelele: UTiffany Haddish umangazwe yisitolo sokudla sase-Zimbabwe

URorisang Modiba ukulethela kafushane izindaba zansuku zonke ezenzeka kumazwe ngamazwe.

E-Zimbabwe – Usomahlaya waseMelika uTiffany Haddish ugxekwe ngevidiyo yakhe ye-TikTok ngesikhathi ekhombise ngesitolo sase-Harare, e-Zimbabwe, wazwakalisa ukumangala ngobukhulu baso nenqwaba yezinto. UHaddish uyivikele le vidiyo wathi ubehlose ukuqeda imibono nokungazi nge-Afrika e-US njengoba behlezi becabanga ukuthi kunezimpi nsuku zonke.” UHaddish uthe uhambo lwakhe lwaseZimbabwe lumvule amehlo futhi ubelokhu ethola iqiniso ngaleli zwe. Ividiyo isibukwe izikhathi ezingaphezu kuka-200,000 ku-TikTok.

E-Iran – Umholi weqembu le-Hamas u-Ismail Haniyeh ubulawe e-Tehran kanti kubikwa ukuthi uhlaselwe i-Israel, ngokusho kwe-Hamas kanye nabezindaba zombuso wase-Iran. I-Israel ayizange ikuqinisekise ukubandakanyeka kwayo. Ukushona kukaHaniyeh kunzima kakhulu ku-Hamas, njengoba ebengukhiye ezingxoxweni zokuqeda impi kanye nezingxoxo zokuthumba e-Gaza. Lokhu kulandela isigameko sakamuva sokubulawa komunye umholi weqembu lamaphekula elixhaswe yi-Iran, osekuqubule uvalo ngombango wesifunda.

E-US – UMegan Thee Stallion ucule ingoma yakhe ethi “Savage” emkhankasweni wePhini likaMengameli uKamala Harris e-Atlanta, Georgia. Ujabulise iqulu labantu ababalelwa ku-10,000 ngaphambi kokuthi uHarris akhulume. UHarris oseqokwe njengoMenganeli we-Democratic Alliance, ukhulume ngokubaluleka kwe-Georgia okhethweni, wagxeka owayenguMengameli uDonald Trump futhi wakhuluma ngokuthi uzozisingatha kanjani izinkinga ezifana nokwehla kwamandla emali kanye namalungelo okukhishwa kwezisu.

E-China –Ukuqabulana kwamadoda amabili kanye nokumangana kwabathathu ngesikhathi somcimbi wokuvula ama-Olympics e-Paris 2024 kukhonjiswe bukhoma kumabonakude wombuso wase-China ngaphandle kokuvinjwa. Lesi bekuyisikhathi esingavamile kumphakathi we-LGBTQ+ e-China, lapho izinto ezinjalo zivamise ukuvinjwa. Lokhu kudonse amehlo abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana, ne-hashtag ethi “#ParisOpeningCeremonyIsReallyCool#” ithole ukubukwa okungaphezu kwezigidi ezingu-600 ezinkundleni zokuxhumana zase-China.

Isithombe ngenhla: UTiffany Haddish.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva