EzaseKZN ezifingqiwe: Usuphelile umfelandawonye we-EFF ne-ANC kwaMaphumulo

USihle Mavuso ukulethela kafushane izindaba ezinohlonze esifundazweni

KwaMaphumulo – Ubudlelwano beminyaka emibili phakathi kwe-ANC ne-EFF kuMasipala wakwaMaphumulo buphelile. Isikhundla sikaSomlomo we-EFF, uSne Chili sesinikwe ikhansela le-ANC uSimphiwe Shange. Umfelandawonye we-EFF ne-ANC wasungulwa ngo-2022 ngesikhathi i-EFF ishiya umfelandawonye ne-IFP yazihlanganisa ne-ANC. Manje njengoba sekuphelile, i-ANC ibheke ukusekwa i-IFP.

EMgungundlovu– UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda eKZN uhlela uhambo oluya eWestern Cape nakwezinye izifundazwe ukuyofunda ukuthi bangawasebenzisa kanjani amabhilidi amadala angasenamuntu. UNgqongqoshe uMartin Meyer umemezele lokhu emhlanganweni wesabelomali somnyango, wathi banethemba lokuthi lezi zakhiwo zizoshintsha zibe yizinhlelo zokwenza imali njengoba umnyango ubhekene nokwehliswa kwesabelomali.

ENkandla – Abaholi bophiko lwentsha yoMkhonto weSizwe (MK) eKZN beseka ithimba likamengameli we-MK, bachitha izinsolo ezithi ithimba elijutshiwe liyagxambukela ezindabeni zentsha. Abaholi bezifunda eziyisishiyagalolunye zaseKZN, okuhlanganisa neTheku, bancome imizamo yethimba yokuletha ukuthula kulolu phiko.

KwaMashu – Uhulumeni uzosingatha uSuku Lukazwelonke Lwabesilisa Lokulwa Nodlame Olusekelwe Ngobulili kulo nyaka elokishini laKwaMashu, eThekwini. IKwaMashu, kanye neNanda izindawo ezidume ngokuba namacala amaningi e-GBV. Umcimbi uhlose ukuqwashisa nokukhuthaza abagilwa ukuthi bakhulume.

Eshowe – INkantolo yesifunda saseShowe igwebe uSiphiwe Kweyama (28), udilika-jele kanye neminyaka engu-15 ngokugebenga nokubulala owesifazane ezenza iphoyisa. Icala lenzeke ngo-2018 eSundumbili eMandeni, lapho uKweyama aphuca owesifazane umakhalekhukhwini wakhe emkhombe ngesibhamu maqede wamdubula wabaleka nabangani bakhe.

Isithombe esingenhla: Umasipala wakwaMaphumulo.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva