Vince de Villiers
Eminyakeni engaba ngu-20 edlule ngesikhathi sikaKhisimusi umfanyana ogama lakhe nguSizwe wayezulazula emigwaqeni yase-Volksrust idolobha elisemaphandleni elisezansi ne-Majuba ngasemngceleni waseKZN.
Ezitolo nasemafasiteleni ezindlu uSizwe wayebona amabhokisi ngaphansi kwezihlahla. Wathola kamuva kumabhayisikobho nezitolo ezinkulu zendawo ukuthi kwakukhona izipho ngaphansi kwezihlahla zikaKhisimusi nokuthi amabhokisi ayenamathoyizi ezingane nezipho zabantu abadala.
Asazi noma wayengazi noma wayewafisa yini lawo mabhokisi asongwe ngokugqamile kodwa siyazi, ngencwadi ayibhala kwi-Scrolla.Africa’s Christmas edition nyakenye ekhuluma ngesikhathi sikaKhisimusi okwaba isikhathi sakhe esihle kakhulu sonyaka.
I-Covid-19 yayisesimweni esibi kakhulu ngoKhisimusi ka-2021 futhi uSizwe wayekhumbula encwadini yakhe ukuthi ubhubhane lwathinta kanjani indawo yangakubo e-Volksrust lwafaka ukwesaba nokungathembani kumalungu omphakathi.
Wakhumbula nokuthi usuku lukaKhisimusi lwaluhlala luyiholidi elingcono kakhulu.
Wabhala ukuthi:“Ngenxa yokuthi angikaze ngiye esontweni, ngangingazi nokuthi usuku lukaKhisimusi ilapho sigubha khona ukuzalwa kukaJesu.
“Kwakumele sivuke ekuseni kakhulu ngoba wonke umuntu emndenini wayeneqhaza okumele alibambe ekwenzeni lolu suku lube usuku olubaluleke kakhulu onyakeni.”
Kwakungumsebenzi wabafana ukuqinisekisa ukuthi igceke lihlanzekile ngaphandle kwebala ngesikhathi abesifazane behlanza indlu futhi benza idili elikhulu.
Uthi: “Ngesikhathi imisebenzi yasekhaya seyenziwa zonke izingane zazinyamalala ezindlini zazo ziyogeza ngokushesha.
“Besiphuma sonke sigqoke izingubo zethu ezintsha zikaKhisimusi kwesinye isikhathi sigqoke izingubo ezintsha kusukela ekhanda kuye ozwaneni, kuya ngokuthi umndeni wakho unithengeleni. Kwabaningi bethu kwakuyizona zodwa izingubo ezintsha esasizozithola zonyaka.”
Waqhubeka wabhala wathi, babekujabulela ukudla, waqala wadla isidlo sasemini ekhaya nabangani nomndeni, bese bengena imizi yomakhelwane bedla amakhekhe kaKhisimusi noma amabhisikidi e-Bakers Choice Assorted.
Ntambama babedlulela emzini womuntu mhlawumbe othile ongenabantwana”, owayezobanikeza uphudingi ukuze baqedele idili.
“Sasidla futhi sisuthe.
Uma sekuqala ukuhwalala sasibuyela ekhaya siphethe amaswidi emaphaketheni ethu futhi simamatheka ukuze siqhubeke nonyaka olandelayo.”
Bengimazi uSizwe ngokuzwa iphimbo lakhe kumakhalekhukhwini.
Njengomuntu osekhulile uma ngibheka intsha ngibona ikusasa eliqhakazile kanti uSizwe bengibona enekusasa eliqhakazile naye.
Ubezimisela kakhulu entweni ayenzayo enentshisekelo kukho konke. Nokho ukuhleka kwakhe wawukubona kancane ngezikhathi ezithile. Bese kuba khona izimpawu zendlela yakhe yokusebenza. Ubehlezi ezimisele emsebenzini wakhe.
Kubuhlungu ngoba angeke ngiphinde ngizwe lelozwi kumakhalekhukhwini wami.
Ukudlula kwakhe emhlabeni kusishaqile kakhulu ngoba ubenentshisekelo ebigcwele ukuphila namandla, sibuhlungu ngokusishiya kwakhe.
Umoya wakhe uyohlala unathi. Njengomoya walowo mfanyana ozozulazula emigwaqeni yase-Volksrust ngosuku lukaKhisimusi enethemba lokuthola ikhekhe lama-Choice Assorted, umoya wakhe uzohlala unathi kwa-Scrolla.Africa.
USizwe Sibiya wazalelwa elokishini iVukuzakhe e-Volksrust ezalwa nguLucky Joel Sibiya noSibongile Elizabeth Buthelezi. Uyise wayengumakhenikha kanti bebeyisikhombisa nezingane zakubo.
wayeWake wafisa ukuba isihlabani sebhola likanobhutshuzwayo.
Wayewathanda amabhayisikili. Wazithengela ikhamera yokushutha imicimbi efana nemishado nemingcwabo ukuze enze imali aqhube izifundo zakhe ze-media studies ngesikhathi ehlala nomamncane wakhe ngaphandle kwaKwaMashu.
Ubengumrepha okhaliphile kodwa wathola amathuba emancane njengoba sekudume ama-piano.
Umsebenzi wakhe wokuqala waba intatheli ephephandabeni lomphakathi eThekwini.
Usuke lapho wajoyina i-Scrolla.Africa ngo-2019 njengomfundi ofundela umsebenzi. Ube ngomunye wezisebenzi zethu zokuqala futhi wasebenza ngendlela yakhe waze waba umhleli wasebusuku ophethe ukukhiqiza kanye nomlobi we-popular culture.
USizwe ushone ngeSonto ekuseni ngomhlaka-28 kuNcwaba engozini yemoto e-Newlands ngaphandle kwaseThekwini.
Umphathi we-Scrolla Africa uMungo Soggot ubhalele abasebenzi wathi: “Akukholakali ukuthi insizwa esencane kangaka ebeyizimisele, nenentshisekelo emsebenzini wayo, ayisekho emhlabeni.”
Umhleli wephephandaba i-Large, u-Everson Luhanga uzwakalise amazwi enduduzo kubasebenzi abebemazi futhi bemthanda uSizwe: “Siphatheke kabi ngokudlula kwakhe emhlabeni.”
Ingoma eqoshiwe kaSizwe ethi, “XXX”, iyatholakala ukuthi uyilalele kule ndaba ku-Scrolla.Africa.