Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Bazobhema bakholwe abathandi bomculo woKholo eThekwini njengoba inkakha kwezomculo uBishop Benjamin Dube ezocula ngokuhlanganyela neZulu Kingdom Gospel Choir kwindumezulu yedili.
Lokhu kuzokwenzeka kusasa ngoMgqibelo ntambama ePlayhouse eThekwini.
Lokhu kuvezwe uMsunguli weZulu Kingdom Gospel Choir uMnuz Sphiwe Bhulose obechaza ngohlelo lwaleli dili labathandi bomculo wokholo.
Uthe uDube uzobe enandisa ngokuhlanganyela neZulu Kingdom Gospel Choir nokuzobeka lo mcimbi ezingeni eliphezulu.
“Esingakusho nje ukuthi abantu abalindele uhlobo olucokeme lo mculo oluzobe luhambisana nohlobo lwemizwilili, izhlabelelo, i-opera njalo njalo. IZulu Kingdom Gospel Choir izilungiselele ekutheni isitayela sayo sihambisane ngqo nesikaBenjamin Dube. Okunye ukuthi lo mcimbi wakulo nyaka ugxile ezibusisweni njengoba konke kuzobe kuhamba ngokwezinombolo eziyisikhombisa kusuka kubavuli kuya kubeFundisi abazosipha izwi le Nkosi,” kusho uBhulose.
Abanye abaculi abalindelekile kubalwa uNothando Hlophe, Dr Tumi, uNozipho Phiri wodumo lweJoyous Celebrations nabanye.
UBhulose uthe le khonsathi bayiqale eminyakeni eyisithupha eyedlule ngesikhathi besungula iZulu Kingdom Gospel Choir.
Uqhube wathi okunye abakwenzayo ukuthi beyikhwaya babuye basebenzisane nezikole ezahlukene njengoba benza izinhlelo zokuthuthukisa imiphakathi nokulwa nezimo ezihlukumeza intsha nodlame lwemindeni.
Uthe amathikithi alo mcimbi atholakala eWebticket ,Boxer nasePick n Pay kusuka ku-R300 kuya ku-R600.
