Batholakale benecala abasolwa ababulala isishoshovu se-LGBTQI+ 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umndeni kaSam Mbatha owabulawa uthole ukukhululeka ngesikhathi iNkantolo eNkulu yase-North West e-Ga-Rankuwa ithola u-Arthur Khoza (19), uMahlatsi Nkuna (21), noThato Mosetla (22) benecala ngoLwesibili.

Laba bobathathu babhekene namacala okubulala, ukugebenga besebenzisa isihluku, ukuthumba, ukucekela phansi impahla kanye nokwephula umthetho.

IJaji uFrances Reid uthole laba abathathu benecala kuzo zonke izimangalo.

UMbatha, owayeneminyaka engu-24 ngesikhathi ebulawa, wayeyisishoshovu emphakathini we-LGBTQI+ futhi ukubulawa kwakhe kuthathwa njengecala elinenzondo.

Umshushisi woMbuso uNangamso Goloda ubehola ubufakazi bofakazi abahlanu abafakaza ngezigameko ezaholela ekubulaweni kukaMbatha.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority esifundazweni, uHenry Mamothame, uthe laba abathathu baboshwe ngomhlaka-21 kuNhlangulana ka-2021 e-Klipgat kulandela uphenyo lwamaphoyisa mayelana necala lokubulala.

“Amaphoyisa athola amachaphaza egazi phansi, ngaphansi nangaphezulu kombhede nakukhaphethi wendlu,” usho kanje.

“Imbazo okusolwa ukuthi yasetshenziswa ngesikhathi kwenziwa ubugebengu yatholwa phezu kophahla lwendlu.

“Amasampula olibofuzo ahlonza ukuthi umufi nguMbatha isidumbu sakhe esatholwa emotweni eshile i-Hyundai i20 enkundleni yebhola esigcemeni sase-Ikageng ngomhlaka-17 kuNhlangulana 2021,” kusho uMamothame.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, omele umndeni uKgomotso Sepeng uthe bakhululekile njengoba izinsuku zokugwetshwa umhlaka-25 kanye nomhlaka-26 kuNtulikazi – sezimenyezelwe.

“Yize icala lidonse iminyaka emithathu enkantolo asisenandaba. Ithemba lethu livuselelwe ukuthi bazojeziswa ngezenzo zabo.

“Sinethemba lokuthi bazogwetshwa isikhathi eside njengoba sebekhombise umphakathi ukuthi bayingozi,” usho kanje.

USepeng uveze ukuthi abasolwa babesebancane ngesikhathi benza leli cala.

“Lokhu kukwenza uzibuze ngekusasa laleli zwe kanye nokuphepha kwezakhamizi ukuya phambili,” esho.

Esithombeni ngenhla: USam Mbatha owabulawelwa ubushoshovu bakhe be-LGBTQI+.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva