Basale dengwane isitimela singafiki

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Ngesikhathi abakwa-Passenger Rail Agency of South Africa  bememezela ukuthi izitimela zabo ezisuka eGoli ziya e-Musina zizobe zisebenza kusukela ekuqaleni kukaZibandlela kanti abaningi abahamba ngezinyawo bajabula kakhulu.

Izitimela zishibhile futhi isikhathi esiningi ziphephile, ikakhulukazi kulabo okumele baye ezifundazweni zabo ngamaholide kaKhisimusi.

Ngenxa yalezi zindaba ngesikhathi samaholide nginqume ukuyozizwela isitimela iShosholoza Meyl esiya e-Musina.

Kodwa imizamo yami yokuya eMusina ngesitimela iShosholoza Meyl ayiphumelelanga.

Ngesikhathi ngiyothenga ithikithi ngatshelwa ukuthi uhambo ngesitimela seShosholoza Meyl aluqinisekisiwe.

Okokuqala ngesikhathi ngizama ukuthenga ithikithi mhla ziyisishiyagalolunye kuZibandlela umsizi owayesebenza ngalelo langa wavele wakhombisa ukudikibala.

Wagcizelela ukuthi ngithenge uhlobo lwethikithi olujwayelekilw njengoba isitimela singathembekile futhi kungase kusetshenziswe ibhasi esikhundleni saso, ngakho-ke  ngazitholela ithikithi ayelisho.

Ngifike esiteshini i-Bosman, ePitoli sengilungele uhambo lwami oluya edolobheni elisemngceleni waseMusina ngoLwesihlanu mhla ziyisishiyagalolunye kuZibandlela ngehora lesine ntambama njengoba isitimela bekulindeleke ukuthi sisuke esiteshini ngehora lesihlanu ntambama.

Ngifice igumbi lokulinda esiteshini ligcwele phama abanye abagibeli behleli phansi.

Ngokushesha kube sekufika unogada ongitshele ukuthi ngithenge ithikithi lokubuya ngoba besingekho isiqiniseko sokuthi izitimela zizosebenza yini ngemuva kukaKhisimusi.

Wangitshela ukuthi uma umuntu enethikithi lokubuya uShosholoza Meyl uzokwenza icebo lokuthi umgibeli angasali dengwane.

Uthe le nkampani ike yaqasha ngisho izimoto zihambisa abagibeli lapho beya khona.

Ngihambe ngayohlala ngaphandle abantu abaningi bangijoyina. Ngehora lesihlanu ntambama bese sibaningi sihlezi ezitebhisini zegumbi lokulinda.

Intokazi ebigqoke ijakhethi yeShosholoza Meyl ifikile kithi yaxolisa yasitshela ukuthi isitimela sise-Elandsfontein kodwa sizofika e-Bosman.

Ngehora lesithupha ntambama isitimela safika e-Bosman, kodwa le ntokazi yaphinde yeza ukuzoxolisa yaphinde yasitshela ukuthi kube nezinkinga zemishini futhi ochwepheshe basazohlola isitimela.

Ngemuva kwehora lona wesifazane uphinde waxolisa kubagibeli kodwa kulokhu, bese bedinwe begane unwabu befuna ukuqashelwa ibhasi.

Ngo-7:45pm nginqume ukuthi angeke ngisakumela ukulinda ngavele ngalinqamula uhambo lwami oluya eMusina ngase ngibuyela ekhaya.

Kodwa abantu abaningi bebesakhona. Bekungekho ukuzikhethela futhi bebengeke bababuyisele imali.

Isithombe esingenhla ngesikaKarabo Rammutla esiteshini sesitimela e-Bosman

Isithombe esingenhla ngesabagibeli abebelinde ngaphandle kwegumbi lokulinda njengoba lelo gumbi lokulinda beligcwele

Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva