Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kuphithene amakhanda ezikhulwini zikamasipala wasoKhahlamba KwaZulu-Natal ngemuva kokuvela kokuthi kunenzinhlamvu ezingu-400 nezibhamu okwalahleka ekubeni kwakuthengwe ngemali yomkhandlu.
Lokhu kudalulwe umbiko kaMcwaningi Mabhuku Jikelele oveze ukuthi kukhona owasebenzisa isitifiketi esalahlekela esinye sezikhulu zalo masipala wayothenga izibhamu ezingu-9 kanye nezinhlamvu ezingu-400.
Kulezi zibhamu kuthiwa zingu-8 kuphela ezibhaliswe njengempahla yomkhandlu kodwa zaba yisikhombisa kuphela ezanikezwa amaphoyisa kamasipala.
Esinye kuthiwa sitholakale sifihlwe ehhovisi lesinye sezikhulu esisamisiwe kanti leso sibhamu kuvela ukuthi asikaze sona sibhaliswe kodwa sesike sasebenza.
Lesi esikhulu okuthiwa asikaze sifike kwamasipala esikanye nezinhlamvu ezingu-400 namanje izikhulu zishayana ngamakhanda ukuthi sathengwa ubani futhi sashonaphi.
UMeya wasoKhahlamba uMnuz Vikizitha Mlotshwa uthe okubethusayo ukuthi kungenzeka ukuthi lezi zinhlamvu nalesi sibhamu esikhulu okunyamalele , kubulawa ngakho osomatekisi basoKhahlamba njengoba kuhlale kuba nodlame lwemizila.
“Sijube izikhulu zethu zophiko lwamaphoyisa kamasipala ukuba ziyovula icala ngalo mhlola kodwa abeSAPS bavele bathi ababuyele emumva bayoxhumana nophiko lwethu lwezimthetho ukuba lwenze umbiko bese kuyima luzovula icala. Lokhu kuvele kwasidida kwenza sabanokusola ukuthi kukhona okushaya amanzi thina njengomasipala esingakwazi,” kusho uMlotshwa.
Uqhube wathi imali yabakhokhibentela eyasebenza kuthengwa lezi zinhlamvu ibalelwa ku-R29 000.
Uthi okuqaphelekile embikweni kaMcwaningi Mabhuku Jikelele ukuthi lezi zibhamu nezinhlamvu kuthengwe eminyakeni engaphezulu kwemine eyedlule naye engakafiki kulo masipala.
Uthe baselinde umbiko wabaMmeli bese beqala uphenyo olunzulu.
