Bakhala ngezinciphisajubane ezibanga ubugebengu  

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamizi zase-Lower Crossroads eKapa zithi selokhu kwafakwa izinciphisajubane imigwaqo isiyingozi kakhulu.

Bathi lezi zinciphisajubane zinika izigebengu ithuba elihle lokuduna izimoto ezihamba kancane.

Umshayeli wemoto yohlobo lwe-Avanza uMnu Msindisi Gumede usanda kubanjwa inkunzi ekhonjwe ngesibhamu   nabagibeli bakhe emotweni.

Abanye abashayeli batshele i-Scrolla.Africa ukuthi umasipala waseKapa bekumele ugxile ekulungiseni ezinye izinto ezifana nemigodi yokuthuthwa kwendle esikhundleni sokufaka izinciphisajubane.

Kodwa-ke, iLungu leKomidi leMeya kuMasipala waseKapa le-Urban Mobility uRob Quintas uthe izinciphisajubane zacelwa ikhansela lesigceme egameni lomphakathi. Uthi zakhelwe ukuvikela abahamba ngezinyawo ikakhulukazi abafundi.

“Okuxakayo ukuthi isinciphisajubane eNgqwangi sicishe sibhekane nesiteshi samaphoyisa sase-Philippi East, ngakho-ke umuntu angalindela ukuthi ukuba khona kwamaphoyisa eduze nale ndlela kumele kube isinyathelo sokuvimbela ubugebengu,” esho.

Endaweni enezinga eliphezulu lobugebengu asikho isidingo sokuthi kube nezinciphisajubane, kusho esinye isakhamuzi.

“Izigebengu zinenhlanhla, umasipala ubamba iqhaza ekutheni sibe yizisulu. Ngiyacasuka njalo uma ngifika kulezi zinciphisajubane”, esho.

Abanye abahlali okuhlanganisa noZimbini Ntlangulana bakuthandile okwenziwe umasipala: “Abashayeli bama-Avanza bahlezi beshayela ngesivinini esiphezulu, bengashayisa izingane zethu noma nini.

Kwengezwe isinciphisajubane eduze kwaseMakukhanye Educare kanye nesinye enyakatho yesikole samabanga aphansi Kwa-Faku eduze nomgwaqo iNgcwangi ukuze kuvikelwe abantu abahamba ngezinyawo abasengozini njengabafundi ezimotweni ezigijima ngesivinini.

Esithombeni esingenhla: Abashayeli bama-Avanza nabashayeli bezimoto abasiboni isidingo sezinciphisajubane ezisanda kufakwa

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva