Bakhala ngenkundla yezemidlalo esiphenduke isibaya

Africa Ka Mahamba

UMasipala wase-Moretele, e-North West, usebenzise imali engaphezu kuka-R4 million ukwakha inkundla yezemidlalo ebiyakhelwa izinhloso eziningi, kodwa kuze kube yimanje ayikaze ivulelwe umphakathi.

Eminyakeni engu-20 edlule le nkundla yezemidlalo iye yakhiwa, yawa, yacekelwa phansi, kwaphinde kwantshontshwa yonke into edayisekayo kuyo. Izigebengu zintshontshe ucingo olubiyele le nkundla, iminyango yezindlu zangasese nazo zonke izinto zokwakha.

Namuhla le ndawo isiphenduke isibaya sezinkomo, esisetshenziswa njengedlelo lezinkomo, izimbongolo kanye nezimbuzi.

Inkundla okwakuhloswe ukuthi ibe inkundla yezemidlalo e-Mmakaunyane idle u-R4.2 million kanti yaqedwa ukwakhiwa ngo-2002 futhi kuyo kungadlalelwa ibhola likanobhutshuzwayo, elomphebezo, elomnqakiswa, i-softball, ikhilikithi kanye nezokusubatha.

Ngesikhathi elakuleli liwina isicelo sokusingatha iNdebe yoMhlaba ngo-2004, umasipala wamemezela ukuthi izosetshenziswa njengendawo yokuzijabulisa – okuyisethembiso esingakaze sifezeke.

Isakhamuzi sase-Mmakaunyane uLovemore Moyo uthe bajabula ngesikhathi kwakhiwa le nkundla ngaphambi kwemidlalo yeNdebe yoMhlaba yango-2010.

“Sasingazi ukuthi basebenzisa izigidi ukuze le nkundla iphenduke isibaya sezinkomo. Namuhla izilwane zilala khona,” esho.

“Kwakumele batshale leyo mali kokunye ukuze kusizakale umphakathi.”

Esinye isakhamuzi uMnu Sipho Mokwena uthe le nkundla ibizosiza ekulweni nokusetshenziswa kwezidakamizwa ngokunikeza abantu bendawo ithuba lokudlala imidlalo ehlukene nokunye.

“Sinentsha enekhono egcina ingena ezidakamizweni ngenxa yokushoda kwezinkundla zezemidlalo,” kusho uMokwena.

Ikhansela lendawo uMnu Shangy Mbekwa we-ACG (Agenda to Citizenry Governors) uthe kumosheke izigidi zamarandi ngenxa yokucekelwa phansi kwale nkundla.

“Bachithe izigidi entweni engenalo usizo ngokwehluleka ukwenza isiqiniseko sokuthi kunezokuphepha ukuze kugwenywe ukucekelwa phansi kwenkundla,” kusho uMbekwa.

“Indaba yenkundla sayikhuluma kaningi emihlanganweni yomkhandlu kodwa bathi asikho isabelomali.”

UMbekwa uphinde wadalula izindleko zokuqala zika-R2.7 million, kanye no-R600,000 wokulungisa inkundla kanye no-R900,000 wokulungisa okunye.

Uthe le nkundla ibizosiza intsha yendawo ukuveza ithalente layo kulesi sigodi kodwa umasipala wehlulekile.

Okhulumela umasipala uMothupi Malebye utshele i-Scrolla.Africa ukuthi azikho izinhlelo zokwakhiwa kabusha kwale nkundla.

“Le nkundla icekelwe phansi ngamanye amalungu omphakathi. Kuwumsebenzi wemiphakathi yethu ukuthi izibambele mathupha ezintweni zayo,” kusho uMalebye.

“Inkundla ayibekelwe isabelomali kulo nyaka wezimali ngenxa yohlelo lwabo olusha lwezinkundla zezemidlalo zase-Lebotloane, e-Sywerskuil kanye nase-Maubane.”

Izihloko zakamuva