Bagadla nomunye ushuni abahleli beNgoma kaZwelonke Festival yalo nyaka

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Izanomunye ushuni Ingoma kaZwelonke Festival yalo nyaka njengoba amakhosi ezizwe nawo ezobayingxenye yawo ukuze akhuthaze izinsizwa zezigodi ukuba ziyingenele ngenhloso yokulwa nodlame lwezigodi nolubhekiswe kwabesifazane.

Lokhu kuvele esithangamini sabeziNdaba ngoLwesihlanu ebesihlanganisa uNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal,uMfu Thulasizwe Buthelezi ebesiseThekwini.

UButhelezi umemezele ukuthi uMnyango wakhe uzoba ingxenye yaleFestival esinedumela neyenziwa minyaka yonke ePeople’s Park,eMoses Mabhida eThekwini.

Uthe kulokhu amakhosi azobayingxenye yezinhlelo eseziqalile zokulungiselela leNgoma ezoba ngomhlaka-21.

“SinguMnyango namakhosi sibone kuyithuba elikhulu ukuba yingxenye Yale Ngoma kulo nyaka njengoba sazi ukuthi isuke ihlanganisa izinsizwa ezisuka ezizweni zamakhosi ahlukene. Lokhu kuzosiza ekutheni amakhosi akhulume aphinde akhuthaze izinsizwa ekutheni zibe amadoda aqotho avikela abantu besifazane nezigodi zawo,” kusho UButhelezi.

Abahleli bale Ngoma okungoGadla Nxumalo,uXolani Mcineka, uKhuzani Mpungose, uBahubhe nabanye basishayele ihlombe isenzo sikaButhelezi ukuba yingxenye yeNgoma KaZwelonke.

UButhelezi obehambisana neNkosi uSifiso Shinga engusihlalo wamakhosi, uthe Ingoma ingeyamakhosi, ngakho umnyango ubone kukuhle ukuba yingxenye ukugqugquzela ubumbano kanye nokulwisana nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

Izihloko zakamuva