Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Bazulelwa amanqe abanikazi bezindlu zomxhaso eNquthu abasolwa ngokuzidayisela kanye nokuqashisa ngazo kubantu bokufika abakuleli ngokungemthetho njengoba kunekhwelo lokuba baphucwe.
Lokhu kuvele emkhankasweni oshisaphansi weMarch and March eNquthu abaqale ngoMsombuluko ukugasela nasezitolo eziphethwe yibo laba bantu bakwamanye amazwe kodwa abangenawo amaphepha.
UMnuz Zipho Hlatshwayo weMarch and March uthe bakhulumile nomasipala ngalolu daba ukuze ubeyingxenye yabo kulo mkhankaso wokukhipha laba bantu bokufika okuthiwa asebengobhongoza ezindlini zomxhaso.
“Esikufunayo ukuba uHulumeni abaphuce amatayitela ukuze kunikezwe imiphakathi yendawo ehluphekele izindlu,” kusho uHlatshwayo.
Uthe izitolo eziningi sebezivalile ngoba bathole ukuthi ziphethwe abokufika abangenawo amaphepha futhi aziyilandeli imithetho yokuphepha.
Imizi eminingi yomxhaso kuthiwa iseGubazi nakwezinye izingxenye zakhona edolobheni eNquthu uma ubheke ngakoMfongomgongo naselokishini iPhumlani.
Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Ndabezinhle Sibiya uthe kunophenyo olujutshwe uNgqongqoshe uSboniso Duma ukuvundulula lo mkhuba wenkohlakalo yokudayisa nokuqashisa izindlu zomxhaso kwabokufika abangenamaphepha.
“INdawo yaseNquthu iyingxenye yalezo ezihamba phambili kulobu bugebengu uMnyango osemkhankasweni wokulwa nabo,” kusho uSibiya.
Ukusho lokhu nje kusanda kubanjwa inqwaba yabokufika eThekwini asebehlala ezindlini zomxhaso nokusolwa ukuthi kule nkohlakalo kuthinteka nezisebenzi zawo uMnyango.
