Babuye belambatha abasubathi bakuleli kwi-Athletics Cross Country 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Iqembu lakuleli elixubile le-relay lisondele kancane ekutholeni indondo ye-Athletics Cross Country Championship e-Bathurst, e-Australia. Leli qembi elihlanganisa uTshepo Tshite, uCaster Semenya, uPrudence Sekgodiso noRyan Mphahlele lenze kahle kakhulu emdlalweni we-relay ongu-8 km, laqeda ngesikhathi esingu-23:50 endaweni yesine ngoMgqibelo.

Iqembu lase-Australia elithole indondo yethusi lenze u-23:26 – okuyimizuzwana engu-24 ukudlula ithimba lakuleli.

UMphahlele ongumpetha kazwelonke ka-1,500m, uthe uyaziqhenya ngendlela iqembu elidlale ngayo.

“Ngicabanga ukuthi sinikele ngakho konke ngalolu suku yize singayitholanga indondo. Kodwa angiphoxekile nakancane njengoba senze izwe laziqhenya ngathi futhi lo umphumela omkhulu kuthina.”

Emqhudelwaneni omkhulu wamakhilomitha ayishumi kwabesilisa umpetha kazwelonke uPrecious Mashele ube ngowokuqala wakuleli ukuqeda.  Sekukonke, iqembu elikhulu labesilisa lihlezi endaweni yesihlanu emaqenjini. Iqembu elikhulu labesifazane lithole indawo yesikhombisa ngalolu suku.

Esigabeni sabancane abesilisa bacishe bahlabana ngendondo yeqembu, kodwa baphume endaweni yesine. Khonamanjalo, iqembu labesifazane abancane lona  lihlezi endaweni  yesishiyagalombili.

Isithombe esingenhla : URyan Mphahlele

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva