Lubhalwe nguSihle Mavuso
Izifiso zabalandeli boMkhonto Wesizwe (MK) ukuthi babone ubuso bomholi wabo futhi owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma kumabhalothi okhetho nokuthi aye ephalamende zibukeka zishabalala.
UZuma usendaweni yokuqala ohlwini lwePhalamende le-MK kodwa amathemba akhe nalawo abalandeli beqembu ashabalaliswe isinqumo seKhomishana yoKhetho eziMele esithi akafanelekile.
Lesi sinqumo sithathwe yi-IEC kulandela umhlangano wayo ngoLwesine ngemuva kokuphikisa ukuba khona kwakhe ohlwini.
UMosotho Moepya we-IEC utshele isithangami sabezindaba ukuthi iqembu le-MK lazisiwe ngalesi sinqumo kanjalo nosiphikisayo.
“Odabeni lwalowo owayenguMengameli wezwe uZuma, yebo sikutholile ukuphikisa okukhona. Iqembu elimphakamisile lazisiwe futhi … abaphikisayo bazisiwe,” kusho uMoepya.
Akadalulanga ukuthi ubani ofake isiphikiso noma ngaziphi izizathu. Kodwa olunye udaba oluvimbela uZuma ukugwetshwa kwakhe ngoNhlangulana ngo-2021 ngokudelela iNkantolo yoMthethosisekelo.
Iqembu le-MK belinethemba lokuthi uZuma uzobuyela ephalamende abe uMengameli olandelayo ngemuva kokhetho lukazwelonke.
La mathemba aphumele obala ngoLwesithathu ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseThekwini ngesikhathi leli qembu linomhlangano omncane ngemuva kokuwina icala elibhekene ne-ANC enkantolo mayelana nokusetshenziswa kophawu lwe-ANC.
Esithombeni esingenhla: UJacob Zuma.
Umthombo wesithombe: Sihle Mavuso
