Asephumele obala amanye amantombazane athi nawo adlwengulwa umfundisi wase-Mount Ayliff

Zukile Majova

Okungenani abesifazane abasebasha ababili baphumele obala bathi nabo badlwengulwa banukubezwa ngokocansi ngumsunguli wesonto elidumile e-Mount Ayliff.

Umfundisi uVizicelo Phakade uvele enkantolo yemantshi yase-Mount Ayliff ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka eyi-16 efunda esikoleni samabanga aphansi eZanokhaya.

Ezinye izisulu ezimbili, manje ezineminyaka engama-20 ubudala zithi uPhakade wabahlukumeza ngokocansi besebancane.

Umphakathi wasema-Xesibeni naKwaBhaca ubuphume ngobuningi bawo ngoLwesine uzophikisa ibheyili kamfundisi uPhakade webandla i-God’s Power Family.

UPhakade, umsunguli wesonto elikhulu e-Sugarbush village ngaphandle kwase-Mount Ayliff, ukhethe ukungasifaki isicelo sebheyili esisemthethweni okwamanje kanti icala lahlehliselwa umhla ziyi-12 kuMasingana. 

Usolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka eyi-16 ezwana kakhulu iphinde ibe ngumngani omkhulu wendodakazi yakhe.

Ubaba wezisulu ezimbili zakamuva indodana kamfundisi uFikeni osewathatha umhlalaphansi, naye oyilungu eliqavile lomphakathi wasema-Xesibeni.

Isithunzi sikaMfundisi uFikeni esagqugquzela umbhishobhi uMengameli uNoqayi we-Methodist Church of Southern Africa ukuthi asuke e-Mtata ahole imashi yangoLwesine.

Ukuba khona kwakhe kusize ukwehlisa ulaka lomphakathi wase-Sugarbush nezigodi ezizungezile obusabisa ngokucekela phansi isakhiwo sesonto.

Imiphakathi ibidinwe igane unwabu ngesikhathi kuvela ukuthi umfundisi uPhakade nebandla lakhe abawona amalungu omkhandlu wamabandla ohlonishwayo eNingizimu Afrika.

UMbhishobhi uNoqayi uthe umphakathi usufake isicelo enkantolo yemantshi yase-Mount Ayliff.

“Umenzi wobubi ungumfundisi omkhulu kanti isisulu intombazane eneminyaka eyi-16. Lezi izinsolo ezibucayi kumfundisi omkhulu obekumele avikele izingane hhayi ukuzinukubeza ngokocansi,” kusho uNoqayi.

“Lo mfundisi uyingozi emphakathini wethu wonkana kanye nasezinganeni zikasonto skole. Ukukhululwa kwakhe kungase kuholele emacaleni amaningi okudlwengula.”

Izihloko zakamuva