Lubhalwe nguPalesa Matlala
Amaphoyisa atshale amaphoyisa kulo lonke elaseNingizimu Afrika ngaphambi kwemibhikisho emelene nokufika kwabokufika elindeleke eGoli, eThekwini, eKapa, ePitoli nakwamanye amadolobha.
Kusukela ngoNdasa amaphoyisa avule amacala angu-103 ahlobene nezigameko zokuhlukumeza abokufika aphinde abopha abantu abangu-195 ngamacala okuhlanganisa udlame, ukusabisa kanye nokususa uthuthuva emphakathini.
Amaphoyisa axwayise ngokuthi azothatha isinyathelo ngokushesha kunoma ngubani owephula umthetho ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho yangoLwesibili ezweni lonke emelene nabokufika abangenazo izincwadi.
Abomthetho bathi bakulungele ngokugcwele ukuqapha imibhikisho futhi banyuse ezokuphepha ezifundazweni ezimbalwa lapho kulindeleke khona imibhikisho.
Izinkulungwane zabantu kulindeleke ukuthi zibe yingxenye yamamashi eGoli, ePitoli, eThekwini, eKapa, Emalahleni nakwezinye izingxenye zezwe.
Iziphathimandla zithi zizolivikela ilungelo elikumthethosisekelo lokubhikisha ngokuthula kodwa ngeke zilubekezelele udlame, ukusatshiswa, ukuphanga noma ukuhlaselwa kwabantu nempahla.
Usihlalo weNational Joint Operational and Intelligence Structure uLieutenant General Tebello Mosikili uthe amaphoyisa ami ngomumo kunoma yisiphi isimo.
“Kulabo abahlose ukwephula umthetho kusasa, umyalezo wethu ulula: ningavivinyi ukuzimisela kombuso,” kusho yena.
“Kulabo abahlose ukubhikisha ngokuthula, siyakuqinisekisa ukuthi amalungelo enu akumthethosisekelo azovikeleka.”
Lesi sexwayiso siza ngemuva kwamasonto amaningi kushubile mayelana nokuphuma kwabantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho.
Amaphoyisa athe azimisele ukunqanda ukuphindeka kodlame nokuhlaselwa kwabokufika okubonakale kweminye imiphakathi ezinyangeni ezedlule.
UMosikili ukuqinisekisile ukuthi sekwenziwe imigudu yezokuphepha emine ezweni lonke ukuqapha imibhikisho nokuphendula ngokushesha uma kuqubuka udlame.
Uphinde waveza ukuthi amaphoyisa abophe abantu abane ngemuva kokuthi umndeni waseCongo uhlaselwe emzini wabo oseRosettenville, eGoli, ngempelasonto.
“Singakuqinisekisa ukuthi sekuboshwe abantu abane ngalesi sigameko,” usho kanje.
Izibalo zamaphoyisa zikhomba ukuthi zenyukile izigameko zokulwa nabokufika kulezi zinyanga ezedlule.
Kusukela ngomhlaka-1 kuNdasa, amaphoyisa abhalise amacala angu-103 axhumene nezenzo zokulwa nabantu bakwamanye amazwe eNingizimu Afrika yonkana.
Bangu-195 sebebonke asebeboshiwe.
IFree State iqophe isibalo esiphezulu sabantu ababoshiwe njengoba kunabasolwa abangu-153.
IKwaZulu-Natal iqophe amacala angu-39 kwathi abangu-11 baboshwa.
I-Eastern Cape iqophe amacala angu-12 kwaboshwa abayisishiyagalolunye.
IWestern Cape iqophe amacala angu-15 kwathi abangu-14 baboshwa.
IGauteng iqophe amacala amane nokuboshwa kwabahlanu, kwathi iMpumalanga yaqopha amacala amathathu nabathathu ababoshiwe.
UMosikili uthe lezi zibalo zikhombisa ukuthi kungani amaphoyisa eyithathela phezulu le mibhikisho ehleliwe.
Uphinde waphendula lapho egxekwa ngemibiko yokuthi uhulumeni angasebenzisa imali elinganiselwa ku-R600 million kwezokuphepha.
Uthe le mali akuyona eyemibhikisho yangoLwesibili kuphela.
Kunalokho, iyingxenye yesabelomali esibanzi soMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika esisebenza kuzwelonke, esihlanganisa ukuthunyelwa, uphethiloli, isikhathi esengeziwe, amathuluzi, ezokuthutha kanye nezinsiza zezimo eziphuthumayo ezidingekayo ukuze kugcinwe ukuthula emphakathini.
Amaphoyisa anxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi behlise umoya futhi bavumele abomthetho ukuthi babhekane nezindaba zabokufika ngokusebenzisa umthetho.
Iziphathimandla zixwayise ngokuthi noma ngubani otholakala eshaya abantu, elimaza impahla, ephanga amabhizinisi noma esabisa imiphakathi uzoboshwa futhi ashushiswe.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa akhuphule ezokuphepha eNingizimu Afrika yonkana ngaphambi kwemibhikisho emelene nokufika kwabantu bakwamanye amazwe ngokungemthetho.
Umthombo wesithombe: Amaphoyisa AseNingizimu Afrika
