Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Amazwe ase-Afrika anentshisekelo yokusebenza ngaphandle kwentela emakethe enkulukazi yaseMelika ngeke esakwazi ukumelana nalokho.
Lona umlayezo onamandla kunayo yonke osenkabeni ye-Africa Growth and Opportunity Forum (Agoa) yezinsuku ezintathu eqhubeka eGoli kuleli sonto.
UMengameli waseMelika uJoe Biden uthe amazwe amane ase-Afrika awasahlangabezani nemibandela yokuthi kufanele angena kwi-Agoa ngokwehluleka ukuqhakambisa intando yeningi kanye nokwelula amalungelo ezakhamizi zawo.
Amazwe amane – i-Uganda, i-Niger, i-Gabon kanye ne-Central African Republic – nawo ayicasulile i-African Union.
Muva nje e-Gabon nase-Niger kube nokuketulwa kombuso okwenziwe amasosha kanti i-Uganda ne-CAR basolwe ngokwephula amalungelo abantu.
I-Uganda iyinqabile ingcindezi yamazwe ngamazwe yokubuyekeza umthetho wayo oqinile omelene nabathandana nobulili obufanayo ojezisa noma ngubani otholakala enecala “lokuthandana nobulili obufanayo” ngezigwebo ezinzima zasejele okubalwa kuzo esentambo.
UBiden uthe “Naphezu kokusebenzisana okukhulu phakathi kweMelika ne-Central African Republic, i-Gabon, i-Niger kanye ne-Uganda, la mazwe ahlulekile ukwamukela ukukhathazeka kweMelika ngokungalandeli kwawo imibandela ye-Agoa.”
Kodwa-ke, uzinqabile izimfuno zamalungu e-US Congress for South Africa zokuthi nawo alahlekelwe ubulungu be-Agoa ngenxa yokweseka uMengameli wase-Russia uVladimir Putin.
Lesi sithangami esinikeza amazwe ase-Afrika aseNingizimu ne-Sahara
ukusebenza ngaphandle kokukhokhiswa intela eMelika ngemikhiqizo eyi-1,800, sihlomulise kakhulu elakuleli njengoba uhwebo lwanyakenye lulinganiselwa ku-R68 billion.
UMengameli uCyril Ramaphosa uzokhuluma noNgqongqoshe bezohwebo bamazwe ase-Agoa ngoLwesihlanu.
Njengoba lesi sivumelwano sizophelelwa isikhathi ngonyaka ozayo, kulindeleke ukuthi lesi sithangami sidingide ukwelulwa iminyaka eyishumi kuya kwengu-20.
ONgqongqoshe bezohwebo base-Afrika nabo bazwakalise ukukhathazeka ngokusetshenziswa kwezivumelwano zokuhwebelana ezifana ne-Agoa ukuze kumiswe isikhundla se-Afrika kwipolitiki ehlezi ishintsha emhlabeni, okuhlanganisa izimpi ezimbili ezenzekile e-Ukraine kanye nase-Gaza.
Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezimboni nezokuncintisana kuleli u-Ebrahim Patel evula isithangami se-AGOA eGoli.
Umthombo: X
