Akasekho emhlabeni obedume ngelikaMadluphuthu

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Baphatheke kabi abangani, umndeni nabalandeli ba-Oscar Mgudlwa obedume ngelikaMadluphuthu oshone ngoLwesithathu ngemuva kokuhluleka ukuphefumula.

Umngani wakhe omkhulu uSunnyboy Ndlovu uthi bebesebenza ndawonye kwifilimu kanti manje bahlela ukuyiqeda ngokumhlonipha.

Abantu baseNingizimu Afrika bakhala ngokulahlekelwa ngumlingisi ophinde abe ngusomahlaya uMadluphuthu, oshone ngoLwesithathu ekuseni e-Daveyton, eKurhuleni.

U-Oscar Mgudlwa (49) ushone ngemuva kokugula isikhashana kanti kubikwa ukuthi ubenenkinga yokuphefumula ngaphambi nje kokushona kwakhe.

NgoLwesine, abangani, umndeni, omakhelwane kanye nozakwabo bavakashele ikhaya lomndeni wakhe ukuze bahloniphe futhi banikeze induduzo.

Okhulumela umndeni uSipho Mgudlwa uziqinisekisile lezi zindaba wathi umndeni uphatheke kabi.

“UMadluphuthu ubengaphezu nje kwasomahlaya ubeyisihlabani samasiko futhi engumgcini wozalo lwaseNdlunkulu yabaThembu,” kusho uSipho. “Njengomholi wendabuko, wayephethe isicoco sokuba yiNduna ngokuzithoba, ngesizotha kanye nokuzinikela okungaguquki esigungwini sakhe nasemphakathini.”

Imininingwane yomngcwabo neyesikhumbuzo izomenyezelwa maduze engeza.

Usunnyboy Ndlovu ongumngani wakhe omdala uvele wasikhihla isililo ngesikhathi ezwa lezi zindaba ezinkundleni zokuxhumana, kulandelwa inqwaba yezingcingo.

Ngiphukile futhi ngizizwa ngiphelelwa amandla. Kudingeke ukuthi ngiphume ngicele umshana ukuthi angishayelele angiyise kwakhe,” usho kanje.

Bobabili bebesebenza ndawonye kwifilimu emfushane ngaphambi kokushona kukaMadluphuthu. Manje uNdlovu uhlela ukuqeda lo msebenzi ngokumhlonipha, kodwa uthi kuzoba nzima ukuthola ozobamba iqhaza.

Umakhelwane u-Oupa Jayiya ukhumbule u-Oscar njengomuntu ojabule futhi owusizo emphakathini.

“Ubethanda ibhola, ukucula nokulingisa ngisho esemncane, ubehlale eqhulula amahlaya, kuthi uma kunezinkinga emphakathini ube ngomunye wabokuqala ukuthi angene asize,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: UMadluphuthu noSunnyboy Ndlovu.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva