AboMkhonto basola amakhansela e-ANC ngokubajaha ngezibhamu oPhongolo

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kusuke uthuli lezichwe okhethweni lokuchibiyela ku-Wadi-2 esigodini saseNcotshana oPhongolo ngesikhathi kutholana phezulu amalungu oMkhonto weSizwe Party nakaKhongolose.

Kulesi sigameko kuthiwa bekubangwa indawo yokubeka itende loMkhonto njengoba kuqhubeka ukhetho.

Okhulumela uMkhonto weSizwe Party uMnuz Nhlamulo Ndlela uthe amakhansela kaKhongolose kumasipala wasoPhongolo abakhombe ngezibhamu esho ukubaqeda.

“Sisinde kukubi kodwa sikwazile ukuyovula icala emaphoyiseni lokusatshiswa. Okubuhlungu bekungamakhansela lawa abesijaha ngezibhamu. Nokho kusithusile lokho ngoba bahlale bethi uMkhonto weSizwe ogcwele izigebengu kodwa lokhu sikubone sekwenziwa yibo,” kusho uNdlela.

UMkhonto weSizwe Party ufolosa ngoMnuz Mlungisi Watu Simelane kulolu khetho olubhekwe ngabomvu.

Okwesibili leli qembu lingenela ukhetho njengoba ebaQulusini lilale isithathu ngesonto eledlule ngokuthola amavoti angu-207 kwathi uKhongolose wathola amavoti abalelwa ku-300 kanti ukhetho lunqotshwe i-IFP ngamavoti abalelwa ku-500.

Okhulumela uKhongolose KwaZulu-Natal uMnuz Mafika Mndebele uthe amanga wodwa lawa okuthi bahlasele amalungu oMkhonto.

“Banamanga labo. Abazange bahlaselwe kodwa yibo abebenodlame. Ukuthi bavele basuka lapho bagijimela esiteshini samaphoyisa ngoba befuna ukubukwa,” kusho uMndebele.

ENewcastle nakhona kusuke umsindo amalungu kaKhongolose ekhalaza ngamalungu e-IFP ewasola ngokususa abantu kwezinye izindawo ukuthi bavote.

UMndebele uthe yize bebekhala kodwa asikho isimangalo abasenzile.

Imizamo yokuthola uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Izihloko zakamuva