UThabiso Sekhula uthi kuningi okungafundwa e-Kenya lapho izintatheli nabasakazi bevale khona igebe ebelivuliwe lentuthuko yezobuchwepheshe ezweni.
Kuleli sonto ngiye e-Kenya emcimbini wokuqala ngqa we-Africa Media Festival futhi ake nginitshele lokhu, ubuciko base-Afrika busezingeni eliphezulu. Lo mcimbi ubuqhukethe yiphaneli esekelwe izindikimba ezahlukene. Enye yezindikimba bekuwukuthi i-podcasting ikhule kanjani yaba ithuluzi elihle lezindaba.
Kodwa okungihlabe umxhwele kakhulu indlela izintatheli nabasakazi base-Kenya abasebancane abakha ngayo inqwaba yabahleli bezingxoxo nokuthi bekungekho kanjani ukuntuleka kwethalente ezihlokweni ezahlukene.
I-Kenya ithuthuke ngokushesha emkhakheni wezobuchwepheshe futhi ngisho namalungu asemasha abezindaba afaka amathuluzi edijithali embikweni yabo. Isibonelo, u-Esther Kazungu wethule inkulumo mayelana nendlela awafaka ngayo ama-meme uma exoxa izindaba nokuyinto eyamenza wathola isicoco sokuba indlovukazi yezindaba yase-Kenya.
UTimothy “Njugush” Ndegwa usebenzisa ukubhuqa kumavidiyo amafushane e-TikTok ukuze axoxe izindaba okuhlanganisa nokusakazwa okukhulu kwezombusazwe futhi manje kakhulu kunakuqala izintatheli kufanele zazi ukuthi ubuhlakani bokwenziwa buwuthinta kanjani umsebenzi wabo.
Futhi-ke kunjalo, bafunda kubabhali asebemkantshubomvu abafana noJohn Allan Namu manje osethathe uhambo lwakhe lobuntatheli obuphenya kumabonakude esebenzisa amadokhumenti akhe i-Last Door. Kuyo yonke imigwaqo yase-Nairobi ubona amabhodi amakhulu akhangisa lolu hlelo.
Kuyamangaza ukuthi isibalo sezintatheli e-Afrika sikhule kanjani. Ngisho nasendaweni engenabo ubungane lapho esizithola siqhudelana khona kukhombisa ukuthi ubuntatheli nokuxoxa izindaba kuyaqhubeka ngokusabalalisa izinkundla eziningi – futhi kuyajabulisa ukukubona.
Lezi yizinto esihlale sizibona emazweni asentshonalanga, kodwa ithalente lentsha yase-Afrika izakhela amathuba okuhlanganisa nezinkundla ubuqhawe ngokumelene nokuhlehla nokuhlaselwa abakutholayo ngenxa yokuphikelela ekukhulumeni izindaba uhulumeni namandla abancamela ukuzifihla.
Kungenze ngacabanga ngendlela engihlezi ngibona ngayo amandla amaningi esifundazweni sakithi i-Limpopo kanye nezobuchwepheshe.
Ngenhlanhla ezinganeni zalapha izifundo zekhompiyutha ziyingxenye yekharikhulamu yesikole samabanga aphezulu. Okuzodingeka sikwenze ukwethula i-podcasting, ukudala ama-meme namanye amafomethi obuciko ohlelweni lwezifundo ukuze umfundi uma eseqeda isikole samabanga aphezulu aphume enamakhono okuqala inkundla evala izikhala ezikhona kwezezindaba – e-Limpopo.
Intuthuko yezobuchwepheshe yase-Kenya yaqala ukuqina ngo-2010 futhi eminyakeni emihlanu nje i-Kenya yaziwa ngokuthi i-silicon savannah yase-Afrika.
Eminyakeni emihlanu nje ungaguqula izwe libe umdondoshiya wezobuchwepheshe kanti amathuba anjengamagebe asemakhulu e-Afrika. Impela ngeke kugcine e-Kenya kuphela – kuningi esingakufunda sonke.
Esithombeni esingenhla: UThabiso Sekhula nosomahlaya wase-Kenya nomqambi wezindaba uTimothy “Njugush” Ndewa ku-Africa Media Festival.
Umthombo wesithombe: Thabiso Sekhula