Lubhalwe nguLungani Zungu
Uthishomkhulu wesikole sezingane eziphila nokukhubazeka iNtokozweni e-Sweetwaters, eMgungundlovu osolwa “ngokukhohlakala” uvinjelwe ukungena esikoleni wacishe washaywa ngoLwesine.
Idlanzana labazali – iningi labo okungabesifazane – nothisha babhikishe ngaphandle kwamasango esikole bekhuza iziqubulo bephakamise nezingqwembe ezibhekise kowesifazane odume ngelikathishomkhulu uZungu.
Ukufundisa nokufunda kuye kwamiswa kanti abafundi abaphila nalokhu uMnyango wezeMfundo okubiza ngokuthi “abakhubazeke ngokomqondo” basale benganakiwe.
Othisha nabazali basola uthishomkhulu ngenkohlakalo nokusebenzisa imali yesikole ukuze kuzuze yena.
“Sizamile ukuthi sibe nomhlangano noMnyango wezeMfundo kodwa udaba alukalungiswa,” kusho umzali uThabile Mkhonza.
“Uthishomkhulu ukhohlakele futhi izingane zethu eziphila nokukhubazeka azinakekelwa. Uthishomkhulu usebenzisa imali yesikole ukuzicebisa hhayi ukufeza izidingo zezingane,” kuqhuba uMkhonza.
Lesi sikole sinabafundi ababalelwa ku-159, ngokusho koMnyango wezeMfundo.
“Njengoba sikhuluma nje izingane zethu azinawo ngisho amaphepha asendlini yangasese esikoleni,” kusho uMkhonza. “Uthishomkhulu wehlulekile yingakho sifuna ahambe. Sizoqhubeka nokubhikisha aze ahambe.”
Uziphikile izinsolo zokuthi bashaye uthishomkhulu.
“Ubalekile. Kodwa besingenza into ebesizozisola ngayo ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uMkhonza.
I-Scrolla.Africa sixhumane nothisha abebeyingxenye yombhikisho, kodwa bonke banqabile ukuphawula ngalolu daba.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi uthe uMnyango usuthumele izikhulu zesekethe ukuthi ziyophenya ukuze kuqedwe inkinga eNtokozweni.
“Manje inhloso ukuthi isikole sibuyele esimweni esijwayelekile ngesikhathi sisalungisa izinkinga okukhulunywa ngazo,” esho.
UMahlambi uthe uMnyango uzosukumela lolu daba uma sewuphothule uphenyo lwawo.
Esithombeni esingenhla: Abazali nothisha bephethe izingqwembe ngaphandle kwesikole sezingane eziphila nokukhubazeka eNtokozweni
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe