Abasebenzi bezindawo zokudlela babhikishela ukuvalwa kotshwala

Oweta, abesebenzi bezindawo zokudlela nabanikazi bamapulazi amawayini bahambele imigwaqo ngoLwesithathu bekhalaza ngokuvalwa kotshwala.

Ukuvalwa kotshwala, kanye nemithetho yomvalelo, kushabalalise amabhizinisi amaningi angenisa izihambi.

Inhlangano yokudlela yaseNingizimu Afrika (i-Rasa) – ehlanganisa imisebenzi eyi-800,000 – yahlela umbhikisho wezwe lonke, oholwa eNtshonalanga yeKapa. Izithombe ezingenhla zivela e-Stellenbosch.

Imboni yotshwala ithi ilahlekelwe izigidi zezinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili zamarandi yemali engenayo kanye nemisebenzi engaphezu kweyi-117,000 kusuka ekuvalweni kokuqala kotshwala