Abantu abakade bemasha eSoweto banikeze uhulumeni izinsuku ezingu-30 ukuthi athathele izinyathelo abantu bokufika

Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane

Abahleli banikeze imemorandamu ezikhulwini zeDolobha laseGoli e-UBC Civic Centre, banikeze uhulumeni izinsuku ezingu-30 zokusebenza ukuba aphendule.

Ogunda izinwele oneminyaka engu-48 ubudala waseMaputo ugcine evale isitolo sakhe eSoweto ngesikhathi kuqhubeka imashi, ethi wesabela ukuphepha kwakhe.

Amakhulu abantu amashe eSoweto ngoMsombuluko, aphelela e-UBC Civic Centre eJabulani lapho abahleli bedlulise incwadi ezikhulwini zeDolobha laseGoli.

Le mashi ibihlelwe yi-United South Africans ngaphansi kwe-United Civic Organisations. Iqale eThokoza Park yadlulela ezingxenyeni ezithile zaseSoweto ngaphambi kokufika esikhungweni somphakathi.

Umgqugquzeli uSbongile Mpanza uthe le mashi imayelana nokuphoqa uhulumeni ukuthi aqinise umthetho wabokufika.

“Sikulolu bishi ngoba uhulumeni akawusebenzisi umthetho,” kusho yena. “Ngeke sibe nabantu abaningi kangaka abavela kwamanye amazwe abangekho emthethweni ezweni.”

UMpanza uthe abagqugquzeli bafuna uhulumeni amemezele isimo esiphuthumayo. Ukhombe eSherwood eThekwini, lapho ethe isibalo sabantu baseMalawi okulindeleke sikhule sisuka ku-7,000 saya ku-30,000, njengobufakazi bokuthi lesi simo asilawuleki.

Uhlu lwezikhalo, olufundwe ngumhleli, uMnuz Musa Hlongwa, luthi kumele kuqiniswe ezokuphepha emngceleni, kuhlolwe izindawo zokusebenza, kuthathelwe izinyathelo izipaza namabhizinisi asemgwaqeni okuthiwa aphethwe abokufika abangenazo izincwadi. Iphinde ibize ukuthi kubhekwe ngokuqinile ezinsizeni zezempilo nezemfundo.

Uhulumeni unezinsuku ezingu-30 zokuphendula.

Ogunda izinwele oneminyaka engu-48 ubudala waseMaputo ugcine evalile isitolo sakhe. Usebenze eSoweto iminyaka wathi akavulanga ngoba esabela ukuphepha kwakhe.

Uthe udinga imali yokukhokha irenti futhi ondle umndeni wakhe. Uthe konke akwenzayo kusemthethweni.

“Abantu mabasizane,” kusho yena, “bangazondani.”

Ngaphandle kwenxanxathela yezitolo iJabulani Mall kanye nasesibhedlela iJabulani, abadayisi abajwayele ukusebenza lapho bebengasekho. Indawo ibithuli.

Esithombeni esingenhla: Ababhikishi bemasha bebheke e-UBC Civic Centre eJabulani, eSoweto.

Umthombo wesithombe: Selloane Ntshonyane

Izihloko zakamuva