Celani Sikhakhane
Ugqamcishi ulimaza abalimi abamnyama basezindaweni zasemakhaya njengoba bedonsa kanzima ukuthola amanzi okunisela izitshalo zabo.
Iningi labalimi lithembele kugesi ukuze likhiphe amanzi emadamini liwayise emasimini nokuyinto ehlasele abalimi abamnyama abasafufusa ngaphansi kweMfolozi ngase-Richardsbay.
Lesi sikhalo sivele ngesikhathi kwethulwa uhlelo lwentsha iTshalabathi endaweni yaseMalamula yiMeya kaMasipala waseMfolozi uXolani Bhengu.
“Inkinga enkulu endaweni yakithi ukucishwa kukagesi okuphazamisa umsebenzi wabalimi ekukhuliseni amasimu abo njengoba kunzima ukuchelela amasimu abo ngoba ukupompa amanzi udinga ugesi. Sesixhumane nomasipala wesifunda iKing Cetshwayo ukuthi usize ngomthombo wamanzi ukuze babhekane nale nkinga,” kusho uBhengu.
Inhlangano i-Ox-Mik Farming Organisation eyasungulwa ngabesilisa abasebasha basemakhaya abathathu ibhekene nale nkinga yokucishwa kukagesi.
UMnqobi Lulama ongumlimi osafufusa uthe bazama kanzima ukukhulisa imikhiqizo yabo ukuze kusimame amakhasimende abo.
“Silima iklabishi, ummbila, izaqathi, ubhontshisi, isipinashi namazambane. Isizinda samakhasimende ethu siqine kakhulu ngoba sihlinzeka izinxanxathela zezitolo kanye nemiphakathi eyahlukene ethenga imikhiqizo yethu. Ngenxa yesidingo esikhulu emiphakathini nasezitolo ezinkulu, kudingeke ukuthi sikhiqize imifino eningi ukuze siyidayisele imiphakathi kanye nezinkampani ezinkulu,” kusho uLulama.
UMnqobi nozakwabo uVela Zibane kanye
noZenzo Nxumalo baqala uhlelo lwabo lokulima ngo-2019 futhi abaphindanga babheka emuva.
Ukucishwa kukagesi kusolwa ngokuphazamisa ukutholakala kokudla ezindaweni eziningi eNingizimu Afrika njengoba kuphazamise nomphakathi wabalimi.
Abalimi asebezakhele igama eKZN sebephendukele ekuzikhiqizeleni ugesi ngokushisa umoba.
Esithombeni esingenhla: Abalimi abamnyama abasafufusa baseMfolozi bakhala ngokucishwa kukagesi ngesikhathi kwethulwa uhlelo lwentsha iTshalanathi obelubanjwe ngoLwesihlanu.
Umthombo wesithombe: Celani Sikhakhane
