Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
IFreedom in South Africa (Fisa) isilaxaze iCongress of the People (Cope). Manje isezingxoxweni ne-All African Alliance Movement (AAAM), okuyinhlangano yabaholi bamabandla eseka iqembu loMkhonto Wesizwe (MK).
Lokhu kungemuva kokuthi amalungu e-Fisa eshiywe dengwane, alinda amahora amaningi ukuze athamele ukwethulwa kwasomqulu weqembu leCope eStinkwater, e-Hammanskraal, ngoMgqibelo.
I-Fisa ithimba labaholi bendabuko futhi ikhuthaza ubukhosi ngokomthethosisekelo, iphinde ikhuthaze imibuso yendabuko yaseNingizimu Afrika ukuthi ihole izwe.
Iqembu alizange libhalisele ukungenela ukhetho oluzayo ngomhlaka-29 kuNhlaba ngenxa yokuthi alikwazanga ukuqoqa imali eyanele futhi alikwazanga ukuhlanganisa inombolo yamalungu ebelidingwa iKhomishini yoKhetho eziMele. Babe sebesayina isivumelwano sokusebenzisana neCope.
UKgoshi Nthai Monnye Malatji, umholi weFisa, esitatimendeni sevidiyo uthe le nhlangano ngeke isasebenza neCope kodwa izoxhumana ne-AAAM mayelana nendlela engcono yokweseka iMK.
“ICope yehlulekile ukuhlonipha zonke izivumelwano,” kusho uMalatji. “Lokhu kuhlanganisa nokwehluleka ukuhlinzeka ngezokuthutha kubantu abangaphezu kuka-3 000 ezweni lonke abebezothamela ukwethulwa kokasomqulu wabo weqembu. Sacela imihlangano nabaholi kodwa bahluleka ukuhlangana nathi.
“Sicele ubufakazi bokuthi amabhasi akhokhelwe kodwa bahluleka ukusinika. Lokhu kusishiya singenakho okunye ngaphandle kokukuvala bese sibheka abanye ozakwethu. Siyenqaba ukudlalwa yizingane zethu. Sabalinda usuku lonke kodwa bahluleka ukufika.”
Ibamba likaNobhala Jikelele weCope u-Erick Mohlapamaswi utshele i-Scroll.Africa ukuthi iqembu belingakayitholi incwadi evela kuFisa eyazisa ngesinqumo sayo.
“Sikuzwe lokhu ngemibuzo yabezindaba mayelana nesinqumo sabo. Sibafisela konke okuhle ohlelweni lwabo olulandelayo,” usho kanje.
“Uma befuna ukuwela kuCope bekumele bakubeke kucace lokho ukuze sandise isabelomali sethu ukuze sihlangabezane nezidingo zabo,” usho kanje.
Osesithombeni esingenhla: Umholi weFisa uKgoshi Nthai Monnye Malatji.
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo
