Abahlali basemijondolo bayabhikisha e-Port Elizabeth

Mkhuseli Sizani

Amabhasi amabili akwa-Algoa Bus Company, i-Toyota quantum, imoto neveni konke kushe kwangqongqa ngenkhathi abahlali basemjondolo e-Port Elizabeth bebhikisha emigwaqweni kuleli sonto.

USipho Ntsondwa, ongumholi weForamu ye-Nelson Mandela Bay Informal Settlements kanye nemijondolo yase-Westville, uhole lo mbhikisho onodlame ngoMsombuluko ekuseni.

ngoZibandlela, uNtsondwa, owaziwa ngokuhola imibhikisho enolaka, wamangaza abalandeli bakhe ngesikhathi ebatshela ukuthi bayeke ukubhikisha futhi bafundisane ngobungozi be-Covid-19.

Kodwa ukushintsha kwenhliziyo yakhe kuholele ekumosheni umgwaqo i-Old Uitenhage nase-Missionvale e-Westville Port Elizabeth.

Ngenyanga edlule i-MMC kaGesi namandla uLuxolo Namatte uvule ugesi emijondolo eyizinkulungwane kule ndawo kodwa akazange ayiqede esele engama-250 kule nyanga njengoba kwakuthenjisiwe.

UNtsondwa utshele abakwa-Scrolla.Afrika ukuthi babambe umbhikisho onokuthula futhi belandele yonke imithetho ye-Covid.

“Ngoba i-Covid isabulala,” uyasho.

Kodwa amaphoyisa acasule abahlali.

“Sasingabantu ababalelwa kwabangama-400. Sasiphethe izingqwembe. Kodwa amaphoyisa afike asidubula engakhulumanga nathi noma ecela abaholi bomphakathi,” uyasho.

“Ngemuva kwalokho umbhikisho waphenduka waba nodlame ngoba sasicasukile. Abane bethu balimala. Abahlali bazobhikisha kuze kufike umasipala uzokhuluma nabo.”

UKaputeni uAndre Beetge uthe: “Ngokusho kwabashayeli bamabhasi amabili, bebebodwa emabhasini abo futhi besendleleni beyolanda abagibeli ngesikhathi abantu abangaziwa bevimba izimoto emgwaqweni bethi abashayeli baphume. Amabhasi athungelwe ngomlilo kwathi abashayeli bavunyelwa ukuba bahambe. Abahlaseli baphinde babaleka endaweni yesigameko bashiya amabhasi avuthayo kanjalo ukuthi atholwe ngamaphoyisa.”

Okhulumela uMasipala uMthubanzi Mniki uthe: “Imijondolo engama-250 esele ayikaqedwa ngenxa yokungatholakali kwama-Ready Boards kanye ne-Service Distribution Box ezitolo ezibafakela lezi zinto.”

Izihloko zakamuva