Abagilwe izikhukhula bayenqaba ukuthuthela emahholo omphakathi

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Yize behlaselwe yizikhukhula ezibashiye dengwane kuWadi 93 eKhayelitsha, eKapa, abagilwa ​​bayanqaba ukuya emahholo omphakathi. 

Ikhansela lesigceme uThando Pimpi lizamile ukubancenga ukuthi bashiye imijondolo yabo egcwele amanzi ukuze baphephe kodwa seliyekile. 

“Ngiyethemba ukuthi abantu ngeke bangibone njengekhansela eliyisehluleki kubantu balo. Sengibacele kaningi ukuthi bathuthele ehholo lomphakathi,” kusho uPimpi.

Abahlali besaba ukushiya impahla yazo ngenxa yezinga eliphezulu lobugebengu endaweni. 

“Kungizwisa ubuhlungu ukubabona bekulesi simo, kodwa ngeke ngikwazi ukubaphoqa ukuthi bathuthe,” kungeza uPimpi.

Izimvula ezinamandla neziphepho zidale isiphithiphithi e-Western Cape kusukela mhlaka-3 kuya kumhlaka-14 kuNtulikazi.

Isakhamuzi uNoluvuyo Malase uthe: “Ukwenqaba ukuya ehholo lomphakathi kumayelana nokuvikela impahla yethu ekuntshontshweni.

UNoluvuyo uqhube wathi ngesikhathi begcina ukuya ehholo lomphakathi abanye bathola imijondolo yabo ingasenalutho ngesikhathi bebuya. 

Esinye isakhamuzi sincome imizamo kaPimpi, sathi ukhathazekile ngokuphepha kwabo futhi “akazange aphoqe muntu ukuthi ahambe”.

UCharlotte Powel, okhulumela i-Disaster Risk Management Center yedolobha, ubike ukuthi bangu-158,097 abantu abakhahlanyezwe yisiphepho sezulu, kanti izakhiwo ezingu-47,663 zilimele kusukela ngomhlaka-3 kuNtulikazi. 

Idolobha likhiphe izinsiza ezingu-1,090 ngempelasonto zokusiza kuzikhukhula.

“Ukunqamuka kukagesi okuhlobene nesimo sezulu kuthinte izindawo ezingu-24 edolobheni lonke, kanti izikhulu zisebenza ngokungaphezi ukubuyisela ugesi,” kusho uPowel. 

Ama-NGO amaningana, okuhlanganisa i-Al Imdaad kanye ne-Gift of the Givers, ahlinzeke ngosizo kubantu.

Esithombeni ngenhla: Izikhukhula e-Western Cape. 

Umthombo: Idolobha laseKapa

Izihloko zakamuva