Sphiwe Masilela
Abadlali abasebancane esikwatini sama-Proteas kuzofanele basukume ngokushesha njengoba belungiselela iNdebe yoMhlaba ezoba ngowezi-2021 nowezi-2022 ye-ICC Men’s Twenty20, kanye ne-ICC Men’s World Cup ngowezi-2023.
Umqokeleli wabaKhethi be-Cricket South Africa (i-CSA), uVictor Mpitsang, ukholelwa ukuthi ama-rookies anesikhala esikhulu sokuvala ukungabi bikho kwama-veteran, kanti nawo anethuba lokuzakhela igama.
“Kuzoba yisibonakaliso esihle sokujula kwethu njengesizwe sekhilikithi ngokulahlekelwa ngabadlali abadala kwi-Indian Premier League,” esho.
“Njengephaneli lokukhetha, silangazelele ukubona ukuthi yikuphi okwengeza okusha eqenjini okuzolethwa ohlelweni lwama-Proteas.”
Umdlali we-Warriors uWihan Lubbe kanye nowe-Momentum Multiply Titans ophosa ngokushesha uLizaad Williams, bathole ukubizewa kwabo esikwatini.
INingizimu Afrika ilungiselela ukuvakashela e-Pakistan, okuzoqala mhla zimbili kuMbasa, kuze kube ngumhla ziyi-16 kuMbasa.
Lolu hambo luzoba nemidlalo emithathu ye-ODI kanye neye-T20 yamazwe omhlaba.
“Sinolwazi olwanele kulelo qembu ukwethulela i-Pakistan inselelo enhle uma befika osebeni lwethu,” kusho uMpitsang.
“KuTemba Bavuma, ukaputeni wethu omusha, konke okuhle kuye nakubadlali ngohambo oluzayo.”
Iqembu lizohlangana ePitoli ngoMgqibelo.