Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
I-Western Cape izohlinzeka ukuhlolwa kwamahhala izomoto zomalume ezithutha izingane zesikole ngemuva kokushona kwezingane ezingozini ngonyaka odlule.
Abazali banxusa abashayeli ukuthi bahlole izimoto futhi baxwayise ngokugcwala ngokweqile kwamakhumbi anezingane zesikole.
Uhulumeni wase-Western Cape uzohlola mahhala amakhumbi abashayeli abazothutha abafundi ezikoleni eKapa nase-Beaufort West ngemuva kokushona kwabantu abaningi emigwaqeni yesifundazwe.
UNgqongqoshe woMnyango WezokuHamba u-Isaac Sileku uthe ukuhlolwa kwezimoto ukuthi zikulungele yini ukuba semgwaqeni kuzosiza ukunqanda izingozi ngaphambi kokuvulwa kwezikole.
“Ukuqinisekisa ukuphepha kwezingane zethu kuqala ngezimoto ezibathutha mihla namalanga. Lolu hlelo luyigxathu elibalulekile ekugwemeni izingozi ezingase zibe khona ngaphambi kokuba abafundi babuyele esikoleni,” kusho uSileku.
Ukuhlolwa akusho ukuthi ikhumbi izonikezwa izitifiketi zemoto eziphelele zokuba semgwaqweni kodwa azobonisa ukuthi ziphephile yini ukuthutha abafundi.
Umzali waseKhayelitsha uNokuzola Mgoduka unxuse abashayeli ukuthi babheke izimoto zabo ngemuva kokushona kwezingane eziningi ezingozini ngonyaka odlule.
“Sishonelwe izingane ngonyaka odlule, kube nezingozi eziningi lapho kwashona khona izingane, ezinye zasala zilimele. Kuyacaca ukuthi bakhona abathutha izingane zethu ngezimoto ezingekho esimweni sokuba semgwaqeni. Siyabanxusa ukuba benze okufanele ukuze kungabikhona umzali ozolahlekelwa yizingane,” kusho uMgoduka.
Umama waseNyanga uThabisa Matiwane uthe abanye abashayeli bakhathalela kakhulu imali kunempilo yezingane.
“Inselelo esibhekene nayo ngabasebenzi abanomhobholo abafuna ukwenza imali kuphela. Ngiyethemba ukuthi ngemuva kwalolu hlelo kuzoba nezivimbamgwaqo lapho kuzoboshwa zonke izimoto ezingekho esimweni sokuba semgwaqweni ngoba behlulekile ukuba yingxenye yalolu hlelo,” kusho uMatiwane.
Esithombeni esingenhla: I-Western Cape inikeza ukuhlolwa kwezimoto mahhala kubashayeli abazothutha abafundi.
Umthombo: Sithunyelwe
