Lubhalwe NguCelani Skhakhane
Umholi woMkhonto weSizwe Party uMnuz Jacob Zuma ukhale ngokweyisa kwabaseNigeria abakuleli ngesikhathi etshela uNgizwe Mchunu ukuthi ukushiswa komuzi wakhe kuhlangene nabakuleli abasebenza nabangaphandle.
UZuma ubekhuluma kanje ekhalela uMchunu ngesehlakalo sokushiswa komuzi wakhe osemakhaya eMbumbulu, eThekwini nokwenzeke ngeSonto.
Uthe kunabantu bakuleli abagwazelwa abangaphandle ngokungemthetho asola ukuthi yibo abashise umuzi kaMchunu.
“Phela bayabakhokhela ukuze bafeze izinhloso zabo. Okunye laba bantu bayeyisa ngoba bavele bangene ezweni bengenamaphepha. Wakewayibonaphi into enjalo. Ngendlela abadelela ngayo sebezebabeka ngisho inkosi yabo lapha ezweni lethu. Bayazenzela nje,” kusho uZuma kuMchunu.
Ubekhala ngokubekwa kweNkosi yaseNigeria nokwenzeke ekuGompo esifundazweni i-Eastern Cape nokususe umsindo omkhulu kuleli.
UMchunu uthe kuZuma yilokhoke okwenze bathukuthela bangena emgwaqweni balwa.
Uthe naye uyakholwa ukuthi umuzi wakhe ushiswe abantu bakuleli ngoba akekho umuntu wokufika kuleli obewazi umuzi wakhe ukuthi ukuphi.
Umuzi kaMchunu ushiswa nje,kusaphele amasonto amabili kuhlaselwe okazakwabo uMnuz Felemntwini Gumede waseMzimkhulu.
KwaGumede kuthiwa izigilamkhuba zafike zabuza yena maqede zaphahlaza amafastela nokunye phambi kwezingane zakhe.
NgoLwesithathu ubuholi bukaKhongolose buhambele emzini kaMchunu ukuyokhalisana naye kanye nozakwabo beMarch and March abebeholwa uNkk Jacinta Ngobese-Zuma.
