Uzodedelwa ngoshwele owabulala uHani

Lubhalwe nguChris Gilili

UJanusz Walus, owayeboshelwe ukubulala isishoshovu esasilwisana nobandlululo esiphinde sibe ngumholi we-SACP uChris Hani ngo-1993, uzodedelwa ngemuva kwesinqumo esikhishwe iNkantolo yomthethosisekelo ngoMsombuluko.

UWalus odabuka e-Poland, ugwetshwe udilikajele endaweni yokuhlunyeleliswa kwezimilo iKgosi Mampuru ll ePitoli kodwa uzodedelwa zingakapheli izinsuku eziyishumi.

Wayelahlwe icala lokubulala uHani ngoMfumfu ngonyaka ka-1993. Kule minyaka esondele kwengu-30 aseyihlalile ejele, uzame kaningi ukuthi adedelwe ngoshwele.

NgoNhlolanja kulo nyaka, iphephandaba i-Daily Maverick yabika ukuthi ngesikhathi kuqulwa icala ngaleziya zikhathi, uWalus akukho ayeshoda ngakho ukuthi angawutholi ushwele. Lokhu kwakufaka nokuthi “axolise kwabathinteka.”

Ngesikhathi kulalelwa izingxoxo zecala ngoNhlolanja, owayemele uWalus wakuveza ukuthi kuphambene nomthetho ukuthi agcinwe ejele anganikwa ithuba lokufaka isicelo sokudedelwa ngoshwele.

IJaji elikhulu lakuleli uRaymond Zondo uthe isinqumo esathathwa ngo-2020 kuNdasa sokunqaba isicelo sikaWalus sokudedelwa ngoshwele sesibuyekeziwe saqedwa.

Uthe, uNgqongqoshe wezobulungiswa uRonald Lamola kanye nekhomishana yokuhlunyeleliswa kwezimilo bazomdedela ngoshwele uWalus zingakapheli izinsuku eziyishumi.

Usopolitiki uClive Derby-Lewis okuthiwa nguye owaqhamuka nesu elabe seliqedelwa nguWalus, wathola ushwele wokugula ngo-2015. Wabulawa umdlavuza ngo-2016. 

Esinye sezizathu zikaLamola sokunqaba isicelo sikashwele ukuthi iNkantolo equla amacala eyagweba uWalus yayifuna ukuthumela umyalezo wokuthi akuvumelekile ukubulala osopolitiki.

Izihloko zakamuva