UVodacom usuqede impi yeminyaka ebandakanya u-Please Call Me

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UVodacom ukuqinisekisile ukuthi ibhodi layo ligunyaze isivumelwano sangasese noNkosana Makate ngomhlaka-4 kuLwezi, okuqeda udaba lwabo lwasenkantolo oselunesikhathi eside luka-Please Call Me.

Inkampani ihoxise amacala ayo adluliswa yiNkantolo eNkulu, kodwa ayizange iveze ukuthi izomkhokhela malini uMakate.

UVodacom ugcine uyixazululile impi yayo ende noNkosana Makate indoda eyasungula u-Please Call Me”.

Esitatimendeni esibhekiswe kubanikazi bamasheya, inkampani ithe ibhodi layo ligunyaze isivumelwano ngaphandle kwenkantolo ngomhlaka-4 kuLwezi. Izinhlangotho zombili zijabule ngokufinyelela kwisivumelwano.

UVodacom uphinde waqinisekisa ukuthi isihoxisile isicelo sayo eNkantolo Ephakeme Yokudlulisa Amacala futhi yasichitha isinqumo seNkantolo Ephakeme sangomhlaka-8 kuNhlolanja ka-2022 esasivune uMakate.

Imininingwane yesivumelwano iyimfihlo, okuhlanganisa nokuthi uMakate uzokhokhelwa malini. UVodacom uthe imali isivele ifakiwe emiphumeleni yayo yesikhashana yesikhathi esiphela ngomhlaka-30 kuMandulo 30, izophuma ngoLwezi.

UMakate wasungula i-Please Call Me ngo-2001 ngesikhathi esebenza njengomsebenzi wakwaVodacom. Ungene enkantolo ngemuva kokuthi inkampani inqabile ukumkhokhela ngalo mbono.

Ulwe naleli cala iminyaka engaphezu kwengu-15, ezinkantolo eziningi futhi ubelokhu ephindelela njengoba uVodacom udlulisa zonke izinqumo eziphikisana nalo.

Lesi sinqumo silandela isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo ngasekuqaleni konyaka esavumela uVodacom ukuba adlulise isinqumo seNkantolo eNkulu ebesingadla imali engaphezu kuka-R40 billion.

Leso sinqumo kube yisinqumo sokugcina seJaji uMbuyiseli Madlanga osewathatha umhlalaphansi, owavuna uVodacom wahlahla indlela yesivumelwano sangasese.

Osesithombeni esingenhla: UNkosana Makate owasungula u-Please Call Me”.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva