Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
U-Enoch Ndou utholwe enecala lokubulala amalungu omndeni ayisikhombisa ngoSuku lukaKhisimusi ka-2021 ngemuva kwengxabano yomuzi.
- Abagilwa kubalwa udadewabo kamlingani wakhe owayekhulelwe, usana lwakhe olwalungakazalwa kanye nabancane abathathu. Uzogwetshwa ngasekupheleni kwale nyanga.
Inkantolo yase-Limpopo igwebe u-Enoch Ndou ngokubulala amalungu omndeni ayisikhombisa ngoSuku lukaKhisimusi ngo-2021.
INkantolo eNkulu yase-Limpopo e-Thohoyandou ithole uNdou enecala kuwo wonke amacala ayisikhombisa okubulala ngesihluku udadewabo kamlingani wakhe owayezithwele, abancane abathathu abangaphansi kweminyaka emibili, umfowabo nezinye izihlobo.
Lesi sibhicongo sagqugquzelwa wumbango womndeni kubangwa umuzi ose-Jimmy Jones ngase-Malamulele.
UNdou wadubula udadewabo kamlingani wakhe owayezithwele, wabulala usana lwakhe olwalungakazalwa.
Ezinye izingane zadutshulwa zilele.
Ngesikhathi ijaji lifunda amacala, uNdou ubhoke ngolaka, ememeza igama likaNkulunkulu.
Isinqumo siqale sabambezeleka ngenxa yokuthi ummeli wakhe, uKagiso Muthithivhi, ubengekho.
Nokho ijaji liqhubekile lathola uNdou enecala.
Ukugwetshwa kwakhe kuhlelelwe ngasekupheleni kwale nyanga.
Esithombeni esingenhla: U-Enoch Ndou owayesolwa ngokubulala amalungu omndeni ayisikhombisa utholwe enecala
Umthombo wesithombe: Avhapfani Munyai