Isikhondlakhondla senkundla yokuxhumana u-Facebook usushintshe igama lawo waba i-Meta njengoba ubhekene nengcindezi ekhulayo yokubeka inzuzo enkulu ngaphambi kwabantu.
Inkampani ithe igama elisha “lizohlanganisa” kangcono abakwenzayo manje – noma ngabe lokho kusho ukuthini.
Le nkampani ikwenze kwacaca ukuthi inhloso yayo yesikhathi esizayo ukwakha umhlaba we-inthanethi, obizwa nge-Metaverse, lapho abantu bengasebenza khona, badlale futhi baxhumane endaweni ebonakalayo, besebenzisa ama-headphone.
“Sikholelwa ukuthi i-metaverse izolandela i-inthanethi ephathwayo. Sizokwazi ukuzizwa siyingxenye – kuzobe sengathi sikhona lapho nabantu noma ngabe siqhelelene kangakanani,” kusho umsunguli uMark Zuckerberg.
Isimemezelo sokushintsha igama senziwe engqungqutheleni yaminyaka yonke yonjiniyela be-Facebook, ngokusho kwe-BBC.
Le nkampani isanda kubhekana nokugxekwa futhi yaba ngundabamlonyeni wezindaba ezingezinhle ngemuva kokuthi isisebenzi sangaphambilini siputshuze imibhalo elimazayo ekhombisa ukuthi inkampani yayazi ukuthi imikhiqizo yayo efana ne-Instagram inomthelela omubi kubantu abasha,
kodwa igxile kakhulu ekwenzeni inzuzo.
Ukwakhiwa kabusha kulindeleke ukuthi kubeke (u-Facebook) phambili njengomunye wemikhiqizo embalwa ngaphansi kwenkampani engunina i-Meta, elandela ezinyathelweni ze-Google, eyasungula inkampani ephethe, i-Alphabet, ngonyaka wezi-2015.