Usumisiwe umbhikisho wamatekisi e-EC  

Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa

Umbhikisho wesifundazwe ophazamise izindawo eziningi e-Eastern Cape ngoLwesine ekuseni umisiwe kuze kube uMsombuluko.

Osomatekisi bavale imigwaqo ezindaweni ezehlukene kwaphazamiseka abasebenzi nabafundi.

Inhlangano eyengamele amatekisi i-Santaco ithe isinqumo sokuthi kube nombhikisho sithathwe emhlanganweni obuseMthatha ngoLwesithathu.

Isizathu sangempela sombhikisi yingoba amanye amatekisi namabhasi athwala abafundi awakaze akhokhelwe kusukela ngoLwezi.

“Umnyango wehlulekile ukuhlangabezana nezimfuno zethu okuhlanganisa ukukhokhela amatekisi namabhasi ahamba emigwaqeni ewubhuqu kakhulu kunalawo asebenzisa imigwaqo yetiyela,” kufundeka isitatimende se-Santaco.

Khonamanjalo, okhulumela uMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape, u-Unathi Bhinqose uthe okwamanje akuyona inkinga ukukhokhelwa kwabasebenzi.

“Yebo sashoda ngemali nyakenye, kodwa sikwazile ukukhokhela bonke ababenama-invoice agcwaliswe kahle kungekho maphepha ashodayo.

“Abasebenzi abangaholile yilabo abalethe amaphepha ashodayo kanye nabanye abebengenazo izimvume kodwa basavunyelwe ukuthi baphumele obala balungise lezi zinkinga ukuze bathole imali yabo,” kusho uBhinqose.

Uphinde wengeza ngokuthi umnyango awunawo ama-rates okukhokha, ngakho awukwazi ukuzibophezela ekutheni uzokhokhela imoto ngayinye ethutha abafundi njalo ngenyanga.

Umxhumanisi we-Santaco esifundazweni sase-Eastern Cape, uGabs Mtshala utshele i-Scrolla.Africa ukuthi i-Santaco ayiphikisani nalezi zinkinga. Kodwa yize babekhulume noMnyango wezokuThutha ekuqaleni konyaka kwaxazululeka izinkinga ezithile.

Khonamanjalo, usihlalo we-Santaco e-Eastern Cape, uZola Yalela ukuqinisekisile ukuthi bamise imibhikisho njengoba kusalindwe umhlangano noNgqongqoshe wezokuThutha uXolile Nqatha ngoMsombuluko.

UMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape ukhiphe isixoliso kwabasebenzisa imigwaqo abathintekile kulo mbhikisho.

Esithombeni esingenhla: Isiminyaminya sezimoto emgwaqeni onguthelawayeka u-N2 KwaBhaca nase-Queenstown e-Eastern Cape

Izihloko zakamuva