USPAR ucela amakhasimende abuyise amayogathi noma ngathiwa irisidi awunalo imali yakho uzoyithola

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

USPAR ihoxise imikhiqizo eminingana yeyogathi kanye neyogathi ephuzwayo ebithengiswa ezweni lonke kusukela ngomhlaka-15 kuNhlangulana, ngemuva kokuthi iphutha lomshini lithinte ukuphepha kwawo.

Abathengi bangabuyisela noma yimuphi umkhiqizo othintekile esitolo se-SPAR esiseduze nabo ukuze bathole imali yabo ephelele noma bashintshe umkhiqizo akudingeki irisidi.

USPAR uhoxise eminye yemikhiqizo yayo yeyogathi ngemuva kokuthi iphutha lomshini ngesikhathi sokukhiqiza libangele ukuthi ezinye izitsha zivuvukale okushintshe ukunambitheka, iphunga kanye nokubukeka kwalokho okungaphakathi.
Ukudla le yogathi ethintekile kungabangela izinkinga zesisu, kusho i-National Consumer Commission.

Ukuhoxiswa kwemikhiqizo kuhlanganisa i-SPAR Fat Free Yoghurt, iLow Fat Yoghurt, iDouble Cream Yoghurt, i-Indulge Double Cream Yoghurt, kanye ne-SPAR Active Drinking Yoghurt. Le mikhiqizo ibithengiswa ezitolo ze-SPAR ezweni lonke kusukela ngomhlaka-15 kuNhlangulana ka-2026.

Hlola izinsuku zokugcina ukudayiswa (sell-by date) kanye nezinsuku zokugcina ukusetshenziswa (use-by date) esitsheni. Yimikhiqizo kuphela enosuku lokugcina ukudayiswa olungu-9 kuNcwaba ka-2026 kanye nosuku lokugcina ukusetshenziswa olungu-12 kuNcwaba ka-2026 ethintekile.

Uhlu oluphelele lwemikhiqizo ehoxisiwe:
ISPAR Low Fat Strawberry Yoghurt with Fruit, 500g

ISPAR Low Fat Passion Fruit & Orange Yoghurt, 150g kanye no-1kg

ISPAR Low Fat Plain Yoghurt, 1kg

ISPAR Low Fat Mixed Berry Yoghurt, 1kg

ISPAR Fat Free Strawberry Yoghurt, 500g

ISPAR Fat Free Peach & Apricot Yoghurt, 500g

ISPAR Active Drinking Yoghurt Strawberry & Oats, 300ml

ISPAR Active Drinking Yoghurt Blackcurrant, Apple & Oats, 300ml

ISPAR Double Cream Yoghurt Black Forest, 1kg

ISPAR Indulge Double Cream Yoghurt Strawberry and White Chocolate, 100ml

Uma unayo eminye yale mikhiqizo ekhaya, ungayidli. Yibuyisele esitolo se-SPAR esiseduze nawe ukuze uthole imali yakho ephelele noma uyishintshe. Awudingi irisidi lakho.

Uma unemibuzo, abathengi bangathumela i-imeyili [email protected].

Esithombeni esingenhla: Imikhiqizo yakwa-SPAR ebuyiswayo.

Umthombo wesithombe: I-National Consumer Commission

Izihloko zakamuva