Usomabhizinisi uboshelwe ukuzama ukubulala umlingisi uTebogo

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Umphathi wamathenda uVusimuzi Matlala uboshelwe ukuzama ukubulala umlingisi uTebogo Thobejane.

Amaphoyisa athi athole imiyalezo nobufakazi bokuthi ukhokhele izinkabi.

Kuboshwe usomabhizinisi owazuza izigidi ngamathenda kahulumeni, uVusimuzi ‘Cat’ Matlala, ngezinsolo zokuzama ukubulala umlingisi uTebogo Thobejane.

Amaphoyisa ophiko lwezobunhloli ambophe e-Midrand ngoLwesithathu. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra, lapho ezobhekana khona necala lokuzama ukubulala nelokwakha itulo lokubulala.

Amaphoyisa athi uMatlala uyaphenywa ngecala lokubulala uBabita Deokaran. Ngaleso sikhathi igama lakhe belingeke lidalulwe ngoba ubephenywa ngecala lokweba imali yakwaPrasa.

Manje amaphoyisa amqambe igama, athi asebutholile ubufakazi obumhlanganisa nokudutshulwa kukaThobejane.

Ngokwemithombo, amaphoyisa athole incwadi egunyaza ukusesha agasela emizini yakhe ePitoli naseGoli. Bathathe umakhalekhukhwini wakhe kanti bathole imiyalezo ka-WhatsApp phakathi kwakhe nezinkabi.

Komunye umyalezo, uMatlala kuthiwa watshela amadoda ukuthi: “Mdubuleni ebusweni ukuze umndeni wakhe ungakwazi ukumbona.”

UThobejane, owayelingisa emdlalweni uMuvhango, wadutshulwa emgwaqeni onguthelawayeka u-N1 ngase-Sandton ngoMfumfu nyakenye. Wayesemotweni nomngane wakhe ngesikhathi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu.

UThobejane wadutshulwa onyaweni. Umngani wakhe wadutshulwa emgogodleni kanti usesibhedlela. Odokotela besaba ukuthi angase angaphinde ahambe.

Amaphoyisa aphinde athi athole ubufakazi bokuthi uMatlala wazikhokhela izinkabi. “Angisakhumbuli inani, kodwa amaphoyisa athole ubufakazi balokho ,” kusho umthombo.

Akwaziwa ukuthi kungani uMatlala efuna uThobejane abulawe, kodwa kukholakala ukuthi bayazana.

Osesithombeni esingenhla: UTebogo Thobejane.

Umthombo wesithombe: @tebogocthobejane

Izihloko zakamuva