Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umculi kaMaskandi uMthandeni SK Manqele udunyelwa ikhanda ngokuvalwa komculo wakhe ezinkundleni zokuxhumana.
UManqele uzwakalise ukukhathazeka kwakhe kubalandeli ebabikela ukuthi izingoma zakhe ebezihamba phambili ezinkundleni zokuxhumana zivalwe zonke.
” Ngithi anginazise ukuthi umculo wami kukhona abawumangalele njengokufanele uvalwe ezinkundleni zokuxhumana.
Lokhu kwenzeka nje izingoma zami bezihamba phambili kodwa zivalwe zonke. Ukuthi ubani owenza lesi sihluku esingaka angimazi.
Engingakusho nje ukuthi kunezinkampani ezinkulu ezikezacela ukusebenza nami kodwa ngenqaba. Ngakho ngiyaxakeka uma sekwenzeka isihluku esinjena emculweni wami,” usho kanje.
Uqhube wathi okumxakayo ukuthi izingoma ezihamba phambili zabanye abaculi abafana noMdumazi, oMafikizolo nabanye azivaliwe.
Uthe ukube bekuhlaselwa umculo kamaskandi nazo bezizovalwa kodwa kuyacaca ukuthi impi ibhekiswe kuye.
Uveze nokuthi izingoma ezivaliwe ebezihamba phambili ngokuthandwa kubalwa ethi maWoollies, uMhobholo, iFront Seat nezinye.
Uthe uyacela ukuthi ngesonto elizayo uma ekhipha abalandeli basheshe baziphuthume lezi ezizayo ukuze kuthi uma zivalwa zibe zihleli esicongweni.
Uthe izingoma ezizayo azozikhipha enye yazo uzobe ehambisana nomculi wesifazane angeke amdalule okwamanje bese kuba ezihambisana nobunsizwa.
Uthe usafake isimangalo ngalo sathane omehlele ukuze kube nophenyo kodwa angakwazi ukuthi luzothatha isikhathi esingakanani.
