Lubhalwe nguMichael Madyira
IBanyana Banyana yehlulekile ukubambelela yavumela i-Sweden ukuthi ishaye igoli iphinde iwine ngo 2-1 emdlalweni wamaqoqo ka-Group G weNdebe yoMhlaba ye-Fifa yabesifazane yakulo nyaka ngeSonto.
Ngaphansi kwezimo ezimanzi enkundleni yezemidlalo i-Wellington uHildah Magaia uqhubekile nefomu yakhe enhle wenza elakuleli lahamba phambili emizuzwini emithathu ngemuva kokuthi kuqale isiwombe sesibili.
Kodwa i-Sweden ishaye igoli imizuzu emihlanu ngemuva kokuthi kuphele ihora ngegoli likaFridolina Rolfo ngaphambi kokuthi u-Amanda Ilestedt ashaye igoli lokunqoba.
Emdlalweni walolu hlobo weNdebe yoMhlaba igebe elikhulu phakathi kweSweden ebekwe endaweni yesithathu emhlabeni kanye neBanyana esendaweni ka-54 ayizange ibonakale.
Lifake ijezi elimnyama elihlotshiswe ngegolide, elakuleli libe iqembu lokuqala lase-Afrika ukushaya igoli kweyomhlaba esingathwe i-Australia/New Zealand futhi bekubukeka sengathi lokhu kuzodala ukucasuka okukhulu kodwa kugcine kubuhlungu kubo.
Abadlali abayisithupha beBanyana ohlwini lukaDesiree Ellis abebeqhudelana ne-Sweden baqale babhekana ne-Morocco ku-Africa Women’s Cup of Nations yanyakenye.
Okumangazayo ukuthi abadlali abafana no-Andile Dlamini, umakadebona wasemuva uNoko Matlou noFikile Magama bebehlezi ebhentshini kodwa ukungabi khona kwabo enkundleni akuzange kubonakale.
Emizuzwini engu-12 nje kuqale umdlalo uRefiloe Jane uzame ukushaya igoli kodwa ibhola lakhe ladlula phezu kwemapali.
Unozinti uKaylin Swart ucishe wabhekana nenkinga ngesikhathi engakwazi ukubamba ishodi lika-Ingrid Angeldahl ngesikhathi uRolfo efuna ukulibeka phakathi.
USwart wadlala umdlalo wakhe wokuqala weBanyana ibhekene ne-Sweden ngo-2018 futhi wakwazi ukugcina amaphuzu emdlalweni wobungani owaphela ngo 0-0 eKapa.
Okukhuthaze u-Ellis ukuthi amantombazane akhe azibambe zaqina akwazi ukumelana nezimbangi zabo ezishisa kakhulu.
Kodwa ngesikhathi kuyiwa ekhefini iBanyana iye yasinda ebholeni lika-Emma Blackstenius kanye nelika-Ilestedt.
Ngemuva nje kokuthi kuqale isiwombe sesibili uThembi Kgatlana udlule u-Ilestedt wakhahlela ibhola waphoqa unozinti uZecira Musovic ukuthi akhiphe ibhola endleleni kaMagaia ukuze isihlabani seBanyana sishaye igoli.
Kodwa izinto ziqale ukushintshela elakuleli ngemuva kokuthi ibhola liphume kabi emlenzeni wesokudla kaRolfo laqonda enethini.
Usizi lufike umdlalo usuzophela ngesikhathi u-Ilestedt eshaya ngekhanda ibhola ebelisuka ekhoneni walimaza iBanyana.
Esithombeni esingenhla: IBanyana Banyana ibhekene ne-Sweden
Umthombo wesithombe: FIFA