Usinde ngokulambisa uSomlomo wasoPhongolo

Lungani Zungu

Imizuzu ngaphambi kokuthi iloli ebelihamba ngesivinini esiphezulu ku-N2 ngoLwesihlanu lishayisane neveni ebelithwele izingane zesikole ezingu-19 licishe laqala ngoSomlomo kaMasipala wasoPhongolo.

UKwenzakakufani Nxumalo ubonge okhokho ngesikhathi etshela i-Scrolla.Africa ukuthi ukube akasizwanga ikhono lakhe lokushayela elisezingeni eliphezulu ngabe kukhulunywa okunye njengamanje.

“Sonke emotweni ngabe sishonile. Ngisathuthumela ngengidlule kukho ngoLwesihlanu,” kusho uNxumalo.

Bebehamba ku-N2 phakathi koPhongolo, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ngesikhathi iloli liqhamuka ngemuva kwabo lihamba ngesivinini.

“Umshayeli wami uchezukele eceleni, wanikeza iloli indlela  ngoba besibona ukuthi umshayeli akazimisele ukwehlisa ijubane.”

UNxumalo uthe ukube umshayeli akazange alidlulise ngokushesha, iloli belizobashayisa ngemuva kwemoto yabo.

Ngemuva kokuba badedele umshayeli adlule, uNxumalo utshele umshayeli wakhe ukuthi umshayeli weloli uzodala ingozi.

Ngemuva kwemizuzwana wabuka ukwesaba kwakhe kwenzeka ngesikhathi iloli lishayisana neveni, kwashona izingane zesikole samabanga aphansi ezingu-19, uthisha oyedwa kanye nomshayeli.

Isigameko esihlasimulisa umzimba sezingane ezisaphazeke ku-N2 sihlupha uNxumalo.

“Lokho kungenye yezinto ezibuhlungu kakhulu engake ngabhekana nazo ekuphileni kwami. Leso sithombe silokhu sidlala ekhanda lami.”

Ubephakathi kwabokuqala abafike ngemuva kwalesi sigameko esinyantisayo.

Lezi zingane bezifunda e-Victoria Independent School, isikole samabanga aphansi eBuhlebuzile, iseSakhumuzi naseThembokuhle. Zonke beziphakathi kukaGrade R kuya kwibanga lesihlanu kanti bebeneminyaka ephakathi kwemihlanu kuya kwengu-12.

“Kubuhlungu ukubona izingane zilele zigcwele igazi. Akekho umzali okufanele abhekane nezinto ezibhekene nabazali bezingane ezingasekho.”

UNxumalo uthe umgwaqo okwenzeke kuwo isigameko uhlezi uchitheka igazi njengoba abashayeli bezimoto ikakhulukazi abashayeli bamaloli behlale benganaki imithetho yomgwaqo.

I-Scrolla.Africa ithole ukuthi imindeni yezisulu izohlonza izidumbu zabathandekayo babo ngoLwesithathu.

Umshayeli weloli uzovela eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo ngoMsombuluko.

Izihloko zakamuva