Sphiwe Masilela
Owayengumdlali wasemuva kwi-Supersport, uThabo September uthi, uyajabula ukuba yiphini lesibili lomqeqeshi eqenjini alisebenzele iminyaka engaphezu kweyishumi.
Usebenzisana nomqeqeshi omkhulu uKeitano Tembo kanye nomsizi wokuqala uAndre Arendse.
Lo mdlali oneminyaka engama-38 ubuye abe yinxusa le-Supersport – okuyindima ayihlanganyela noJabu Mahlangu phambilini owayaziwa ngoPule.
USeptember ujoyine iMatsatsantsa-a-Pitori ngowezi-2006 esuka kwiBush Bucks, wachitha sonke isikhathi sakhe somsebenzi webhola neqembu lasePitoli.
Njengamanje uhlala e-Midrand nonkosikazi wakhe kanye nendodana yakhe eneminyaka eyi-12.
“Ngazalelwa e-Knysna, ngakhulela khona futhi umndeni wami usahlala khona. Njengamanje ngiseGoli, e-Midrand ngenxa yezibopho zomsebenzi kodwa-ke, ngiyabavakashela isikhathi eside uma kwenzeka,” kusho uLanky ongumvikeli ebholeni.
USeptember onobude obungu-1,7m ubesebenza kakhulu futhi ubambe iqhaza ekuthuthukiseni iqembu lamanje laMatsatsantsa ngabadlali abafana noTeboho Mokoena kanye noSipho Mbule kwi-MultiChoice Diski Challenge.
Uthi, njengenxusa ngokubambisana noJabu, basebenzisana nentsha ezayo futhi bayilungiselela ibhola elikhokhelwayo kanye nokuziphatha ngaphandle kwenkundla.
“Sifuna ukuqinisekisa ukuthi, abadlali bathuthuke kahle futhi bangaphazanyiswa yizinkinga zangaphandle kwenkundla ezifana nezidakamizwa nokuphuza ngokweqile. Kunomfana oneminyaka eyi-17 esihlela ukumethula eqenjini lokuqala. Udlala kahle kakhulu futhi unekhono lo mfana,” kusho uSeptember.