URashford ujoyina i-Aston Villa 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

  • UMarcus Rashford we-Manchester United uthuthele ku-Aston Villa ebolekiswe kuze kuphele isizini.
  • I-Villa izokhokha ingxenye enkulu yomholo wakhe njengoba ijahe indawo yabane ephezulu ku-Premier League.

Umgadli we-England uMarcus Rashford uphunyukile ezinkingeni zakhe ze-Manchester United uyoqala kabusha e-Aston Villa eshayela phezulu.

I-Villa imsayine ngokushesha uRashford ngemuva kokuthengisa umgadli wabo wase-Colombia uJhon Duran e-Saudi Arabia. Lesi sinyathelo sinikeza lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala ithuba lokuvuselela umsebenzi wakhe ngemuva kokuxoshwa ngumqeqeshi omusha we-United uRuben Amorim.

URashford ujoyina iqembu le-Villa elindizela phezulu e-Europe futhi lijahe indawo ku-Champions League, lisele ngamaphuzu amane nje kuphela ngaphandle kwamane aphezulu ku-Premier League.

I-Villa izokhokha kuze kufike ku-90% womholo wakhe, kanti i-United izokhokha wonke omunye.

“Ngibe nenhlanhla ukuthola amaqembu ambalwa abefuna ukungthatha kodwa i-Aston Villa kube yisinqumo esilula – ngiyayincoma kakhulu indlela i-Aston Villa ebidlala ngayo kule sizini, kanye nezifiso zomphathi,” kusho uRashford esitatimendeni se-Villa.

“Ngifuna nje ukudlala ibhola futhi ngijabule ukuqala. Ngifisela wonke umuntu ku-Manchester United konke okuhle isizini yonke.”

Lesi senzo besingesinye sezimanga ezinkulu njengoba kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoMasingana.

Esithombeni esingenhla: UMarcus Rashford.

Umthombo: @marcusrashford

Izihloko zakamuva