
Celani Sikhakhane
UMengameli uCyril Ramaphosa usengenelele ukuqeda ukungaboni ngaso linye phakathi kukaNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Sihle Zikalala noNdunankulu weSilo sakwaZulu uMntwana kaPhindangene uMangosuthu Buthelezi.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uButhelezi ebikele uRamaphosa ngoZikalala ngokumenza inhlekisa emcimbini kahulumeni obungempelasonto edlule phambi kwendodakazi yakhe endala uPhumzile.
“UNdunankulu waKwaZulu-Natal ungigcone esidlangalaleni, watshela iPhalamende ukuthi uNdunankulu weSilo samaZulu akaqondakali ngoba ngingakwazi ukukhuluma kahle. Waze walingisa ekhuthaza izingane zobukhosi bakwaZulu ukuthi zigcone uNdunankulu weSilo,” kusho uButhelezi.
Uze wachaza uZikalala njengesichwensi esigila izimanga emphakathini.
Ubekhuluma ngempi kaZikalala nowayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu emcimbini kaZwelonke obuseThekwini ngeledlule.
URamaphosa ephendula ngesikhathi kuvotelwa uMengameli wePhalamende ngoLwesihlanu, uthe “kubuhlungu enhliziyweni yami ukuzwa uMntwana uMangosuthu Buthelezi echaza ngokuchwensa okwashiwo nguNdunankulu waKwaZulu-Natal.”
UMengameli uthe uzongenelela ukuze axazulule le ngxabano.
“Ngizokhuluma noMntwana uButhelezi ukuze ngibone ukuthi kungaba khona yini ukuzwana okuhle phakathi kwabo bobabili. Kubalulekile ukuthi sikwenze lokho.”
“Kubuhlungu kimina uma ngimuzwa echaza lolu daba,” kusho uMengameli.
Sekunesikhathi eside uZikalala noButhelezi bengaboni ngaso linye njengoba ukungaboni ngaso linye phakathi kwabo kuqale ngodaba lukaButhelezi njengoNdunankulu weSilo samaZulu.
UZikalala usole uButhelezi ngokusebenzisa isikhundla sakhe ebukhosini ukuze abe nomthelela ezinhlelweni zakhe zepolitiki.
Uze waphakamisa ukuthi uButhelezi osekhulile uzobe ehlanganisa iminyaka engu-94 ngoNcwaba kumele ehle esikhundleni sokuba nguNdunankulu weSilo samaZulu.
Lokhu kuthukuthelise amaqembu athile omndeni wasebukhosini.
UZikalala uyaqhubeka nokucasula kabi uButhelezi ngokuba nemihlangano noNdlunkulu ababeshade neSilo esesakhothama samaBandla uZwelithini kaBhekuzulu ngasese.