Uphume ekhaya abazali bengazi oshone kweyobumnandi

Kamogelo Olaitan

U-Esinako Sanarhana uhambe amakhilomitha angaphezu kuka-30 nabangani bakhe eya emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa e-East London ngaphandle kwemvume yabazali bakhe. Bekuwumcimbi omnandi kanti wonke umuntu ubejabule ngomgubho omkhulukazi.

Kodwa ngesikhathi ilanga liphuma ngeSonto lo mfundi (17) ofunda ibanga likamatikuletsheni ubengomunye wabantu abasha abangu-21 ababulawe endaweni yokucima ukoma i-Enyobeni.

Okhulumela umndeni umalume wakhe uMonde Malangeni uthe abazali baka-Esinako bebengazi nokuthi akekho ekhaya baze bavuswa umngani wabo ngezithuba zabo-04:00 ebatshela ukuthi ubulewe.

UMalangeni uthe abazali baka-Esinako bagcine ukumbona ngoMgqibelo ebusuku. Ubegqoke izingubo zokulala kanti babengasoli lutho.

“Sikholwa wukuthi u-Esinako nabangani bakhe bahlele imoto ezobathutha ibayise kule ndawo ukuze bahambele umcimbi. Bebengeke bekwazi ukuya lapho ngezinyawo ngoba kukude,” kusho uMalangeni.

UMalangeni utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi laba abasha betshelwa ukuthi le ndawo izovalwa ngehora lesibili ekuseni baphoqeleke ukuthi balinde imoto ezobathutha ephaseji.

Yilapho yena nabanye abatholakale khone beshonile.

Abazali bakhe bamangalile ngesikhathi beya emakhazeni beyohlonza isidumbu sakhe bebona u-Esinako egqoke ezingubo ezimnyama kuphela kanjalo nabangani bakhe.

“Lokhu bekuhlelwe kahle nje abazali bekhona kodwa bengazi. Kuyadabukisa kithina njengabazali ukuthi sihlonze indodakazi yethu endaweni efana naleyana. Asikaze nakanye sicabange ukuthi ingafuna ukuya emcimbini onjena,” kwengeza uMalangeni.

Uchaze u-Esinako, ongowasendaweni yakwaNompumelelo ngaphandle kwase-East London, njengengane ebizithulela futhi ezothile kanti bakholwa ukuthi uye endaweni yokucima ukoma ngoba efuna nje ukuncebeleka.

“Ingane yethu isemakhazeni namuhla ngenxa yengcindezi yontanga. Uvele wahamba nabo,” esho.

Indawo yokucima ukoma i-Enyobeni ivalwe i-Eastern Cape Liquor Board ephinde yahoxisa nelayisensi yayo.

Abakwa-SAPS bajube ithimba longoti bezobunhloli ukuthi liphenye ngembangela yokushona kwalaba bantu abasha.

Izihloko zakamuva