UNgqongqoshe ugasele emahhovisi akwa-SASSA okunezikhalo ngawo

Lubhalwe nguZavela Makwabe

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi e-Eastern Cape uBukiwe Fanta ubefuna ukuzifaka ezicathulweni zezakhamizi. Ngakho uye wazenza ugogo futhi wangena emgwaqeni!

Ngesikhathi izikhalo ngokwenzeka emahhovisi akwa-SASSA e-Lusikisiki zifika etafuleni lakhe uye wafuna ukuzibonela ukuthi ziyiqiniso yini.

Ngakho-ke, uye wagqoka njengowesifazane ojwayelekile wasesigodini – efake iduku ekhanda ebince netshali okhalweni – wahamba ukuze azibonele.

“Izikhalo bezimayelana nokuhamba kancane kwezinsiza kanye nokungaphathwa kahle kwabantu abangena emahhovisi ethu akwa-SASSA. Bengingafuni ukukholwa lokho engitshelwa khona yingakho ngiziyele mathupha,” kusho uFanta echazela i-Scrolla.Africa.

NgoLwesine nangoLwesihlanu kuleli sonto uFanta ubehleli emabhentshini e-Lusikisiki nase-Port St John’s njengesakhamuzi esijwayelekile esifuna usizo ezikhulwini zakwa-SASSA.

UFanta uthe ukholelwa ukuthi indlela umuntu aphathwa ngayo inika ithemba ngisho noma udaba lwakhe lungaxazululeki.

Futhi akutholile ngokusho komkhulumelayo kuzomenza ahlangane nomphathi wesifunda wakwa-Sassa ukudingida akutholile kanye “nezinyathelo ezizoqinisekisa ukuthi abantu bathola usizo abaludingayo.”

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ngeSonto okhulumela uFanta, uBusi Jemsana-Mantashe uthe uNgqongqoshe udalule ukuthi ungubani ngokuhamba kwesikhathi kanti ubezihambela yedwa ukuze angabonakali. Phakathi kokubi athemba ukukulungisa indlela izikhulu ezikhuluma ngayo nabantu abafuna usizo kanye nendlela eziziphatha ngayo.

“Kumele kuthuthukiswe ukunakekelwa kwabantu. Izikhulu azizange ziziphathe kahle noma zikhulume nabantu ngendlela efanele.

Okunye okungamphathanga kahle ukuthi ngesikhathi besasebenza izikhulu bezizixoxela nje zodwa,” kusho uJemsana-Mantashe.

Ngesikhathi abantu bephendula uNgqongqoshe enkundleni yezokuxhumana badalule izindaba zokungaphathwa kahle izikhulu zakwa-Sassa.

UZizipho Maqhutywa ukhumbule ngesikhathi isikhulu sesilisa simchapha ngenhlamba simbiza ngeqola ngesikhathi eyocela isibonelelo sikahulumeni sengane yakhe ngo-2017.

UMaqhutywa uthe lo mlisa wanqaba ukumnikeza ithuba lokuchaza ukuthi inkontileka yakhe nohulumeni isifike esiphethweni. “Ngaphuma ehhovisi lakhe ngikhala izinyembezi futhi angisoze ngayikhohlwa impatho yalapho,” esho.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe uBukiwe Fanta 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva