Umqeqeshi wamaphoyisa uboshelwe izinsolo zokudlwengula isitshudeni sakhe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Uphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) selubophe umqeqeshi wamaphoyisa ngezinsolo zokudlwengula owesifazane obeqeqeshwa ekubeni iphoyisa.

Okhulumela i-Ipid uPhaladi Shuping uthe: “Kusolakala ukuthi ngomhlaka-31 kuNdasa umqeqeshi wamaphoyisa ePhilippi Police Training Academy eWestern Cape wabizela iphoyisa lesifazane ehhovisi lakhe, wabe eseya ehhovisi ngemuva kokubeka izaba eziningi ngaphambilini ezazenza angalubhadi kuleli hhovisi.”

Uthisha kuthiwa ukhiye isicabha ngesikhathi umgilwa engena ngaphakathi wabe eseyamdlwengula.

“Wamvumela ukuthi ahambe ngemuva kokumdlwengula, kodwa akazange akubike lokhu ngokushesha. Ubike ngemuva kwezinsuku ezimbalwa, icala labikelwa i-Ipid ukuze liphenywe,” kusho uShuping.

Ofundisa amaphoyisa uboshwe ngomhlaka-21 kuMbasa. Ngosuku olulandelayo, wavela eNkantolo yeMantshi yaseWynberg, icala lahlehliselwa umhla zimboli kuNhlaba ukuze afake isicelo sebheyili.

UNgqongqoshe obhekelela amaPhoyisa nezokuPhepha koMphakathi eWestern Cape uReagen Allen uthe zimbi kabi lezi zinsolo ngoba isigameko sokudlwengula senzeke esikhungweni lapho kuqeqeshwa khona amaphoyisa eSAPS ukuze ahloniphe umthetho.

“Ngidlulisa amazwi okuzwelana nommangali. Lesi isimo esibuhlungu kakhulu ngiyamkhuthaza ukuthi athole ukwelulekwa nosizo oludingekayo,” kusho uReagen.

Unxuse inkantolo ukuthi iyinqabe eyebheyili njengoba ukudlwengulwa, ukunukubezwa ngokocansi nezinye izinhlobo zodlame olubhekiswe kubulili zisaqhubeka nokudlondlobala emphakathini.

“Amaphoyisa eSAPS kumele aqinisekise ukuthi njengoba kuqhubeka uphenyo lobugebengu, kuphinde kuqondiswe izigwegwe kulowo osolwa ngobugebengu. Lolu hlobo lwesigameko akumele lwenzeke ndawo, ingasaphathwa eyekolishi le-SAPS,” kusho uReagen.

Isithombe esingenhla: Indawo yobugebengu.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva