Lubhalwe nguLinda Ximba
Ikhempu yompetha wesibhakela wakuleli uSivenathi “Special One” Nontshinga izimisele ngokufeza isifiso sayo nokumbona evikela ibhande lakhe ekhaya.
Kodwa ukusingatha impi esezingeni le-International Boxing Federation (IBF) noma i-World Boxing Council (WBC) kudinga uxhaso olukhulu lwezimali oluvela ezinkampanini ezizimele nohulumeni wasekhaya.
I-Rumble Africa Promotions ithe ithandazela ukuthi kufezwe isicelo sabo sempi phakathi kukaNontshinga noRegie Suganob wase-Philippines ezoba esifundazweni salo mpetha e-Eastern Cape.
UNontshinga (24) wenza elakuleli laziqhenya ngesikhathi elwa ngendlela encomekayo ebhekene noHector Flores e-Mexico ngoMandulo odlule waphinde waletha isicoco se-IBF ekhaya.
“Sibhalele izinhlaka ezahlukene zikahulumeni futhi zivumile ukuthi ziwatholile ama-imeyili ethu ngakho silinde ngesineke,” kusho isikhulu se-Rumble Africa uNomfesane Nyatela.
“Inhloso yethu ukusingatha impi ngoMbasa e-Eastern Cape futhi sisebenza kanzima ukuthi iphumelele. Kusobala ukuthi sibheke ukuthola abaxhasi,”
Ukusingatha impi ekhaya kunikeza umshayisibhakela inzuzo enkulu, kanti isivakashi sivame ukudinga ukugwema amajaji ngokushaya i-knock-out uma enethemba lokuwina.
UNontshinga akakahlulwa emsebenzini wakhe wesibhakela. Kuze kube manje usewine izimpi zakhe ezingu-11, kanti eziyisishiyagalolunye zalezo waziwina nge-knockout.
Ubekwe endaweni yesithupha kwabahamba phambili kunabo bonke emhlabeni kowe-flyweight i-BoxRec kanti ungowesikhombisa kwi-IBF.
Esithombeni esingenhla: USivenathi Nontshinga
Umthombo wesithombe: Twitter