
Dylan Bettencourt
Umshayeli we-Formula 1, uNicholas Latifi, udalule ukuthi uthola izinsongo zokumsabisa ngemuva kwe-Abu Dhabi Grand Prix waze waphoqeleka ukuthi aqashe onogada bakhe.
Imoto kaLatifi iphahlazeke sekusele imizuliswano emihlanu nje kuphela, okuphoqe imoto yakhe ukuthi iphume emjahweni wokugcina wesizini ye-Grand Prix yonyaka ka-2021. Lo mdlali wase-Canada wasolwa ngokuhlulwa kukaLewis Hamilton ekuwineni isicoco sakhe somhlaba sesishiyagalombili ngemuva kokuthi imoto yakhe yenze ukuthi uMax Verstappen aphumelele kumjaho athole isicoco sokuba ngumpetha womhlaba.
ULatifi uthe ngesikhathi ebuyela e-London wayehamba nonogada bakhe eya e-Winter Wonderland nentombi yakhe “okwakungenzeka nje ahlangane nomuntu onosuku olubi futhi odakiwe asho okuthile akucabangayo ngaleso sikhathi,” kusho uLatifi.
Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa imoto kaWilliams ngesizini yakulonyaka, uLatifi uthe uthole umlayezo wombhalo omesekayo ovela kuHamilton kulandela umjaho kanye namalungu amaningana eqembu le-Mercedes.
Abalandeli be-Formula 1 bayohlale bewukhumbula njalo umjaho obusemathini wango-2021 phakathi kukaLewis noMax njengoba ithathwa njengomjaho wesizini oseqopheleni eliphezulu kuyo yonke imijaho eseke yaba khona.
Ngesizini ezayo uLatifi uzojoyina iqembu likaWilliams nomshayeli wase-Thailand, u-Alex Albon njengoba obesebenzisana naye uGeorge Russel usejoyine ithimba le-Mercedes ukuze ahlanganyele noHamilton.
Isizini ye-Formula 1 yonyaka ka-2022 izoqala ngomjaho wokuqala ngomhlaka-20 kuNdasa e-Bahrain.
Umthombo wesithombe: @RepublicWorld