Umholi weMKP wemukele isipho semoto kuNgqongqoshe yize uMkhonto ubusigxeka

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umholi woMkhonto weSizwe Party eSishayamthetho saKwazulu-Natal, wemukele ingqovungqovu yemoto ayiphiwe uNgqongqoshe uThulasizwe Buthelezi yize iMKP ingayizwa indaba yalezi zimoto.

Lezi zimoto ezingu-35 ziqale ukunikezwa amakhosi ngenyanga kaNdasa njengohlelo lukaHulumeni lokuhlinzeka abaholi beNdabuko eKZN ngezinsiza zokusebenza.

Selokhu luqalile lolu hlelo, iMKP neDA bebeshaya amakhalangalo bekhononda ngokuthi luyindlela kaButhelezi yokusebenzisa uMnyango wakhe ukukhankasela i-IFP njengoba kubhekwe okhethweni lwangoLwezi.

Ngakolunye uhlangothi i-DA yona ibifuna kwenziwe uphenyo mayelana nokuthi ithathwephi imali yokuthengalezi zimoto.

IMKP yona isho nokuthi lezi zimoto zikhetha iphela emasini bethi zinikezwa amakhosi ayi-IFP kuphela.

Kuleli sonto lolu hlelo luqale eThekwini lapho okunikezwe khona amakhosi ehlukene lezi zimoto zikanokusho ezikwazi ukuhamba nasemgwaqeni eyibhuqu nenodaka.

“Kungumsebenzi wethu njengoMnyango ukuba amakhosi abenohlelo lokusebenza olunesithunzi. Yingakho siwahlinzeka ngezimoto ukuze akwazi ukuqhubeka nemisebenzi yesizwe ngaphandle kwezinkinga,” kusho uButhelezi.

Ukusho lokhu nje uMnyango wakhe wezokuBusa nokuBambisana,NeziNdaba zoMdabu, uthenge lezi zimoto ngemali ebalelwa ku-R20 million.

Nakuba iNkosi uPhathisizwe Chiliza ibingekho kodwa sibona imoto yamukelwe umkakhe okunguNdlunkulu uNoluthando Chiliza waseMadungeni.

Izihloko zakamuva