Umfundi osemncane ucele abangani bakhe ukuthi babhalisele ukuvota kunokumthengela izipho

Lubhalwe nguNontokozo Gemani

UMpumelelo Innocent Dhladhla usebenzise uWhatsApp noFacebook ukuze acele abantu ukuthi bamthumelele ubufakazi bokuthi babhalisele ukuvota ngosuku lwakhe lokuzalwa.

Babalelwa ku-15 abantu abalalele lo mfundi base bebhalisela ukuvota ngaphambi kokhetho lomasipala oluzoba ngasekupheleni kwalo nyaka.

Umfundi oneminyaka engu-23 ubudala waseTsakani ufuna ukubhalisela ukuvota esikhundleni sezipho zosuku lokuzalwa.

UMpumelelo Innocent Dhladhla ucele abangani bakhe nabalandeli ukuthi babhalisele ukuvota njengesipho kuye. Ufuna bamthumelele ubufakazi bokuthi sebebhalisile.

UDhladhla ufunda ipolitiki nesiNgisi. Usebenzise izimo zakhe ze-WhatsApp ne-Facebook ukuze abelane ngesifiso sakhe sosuku lwakhe lokuzalwa.

Uthe ufuna ukuthola izindlela ezintsha zokwenza ukuthi abantu abasha bavote.

Wayengalindele ukuthi abantu abaningi bamlalele. Kodwa balinganiselwa ku-15 abantu ababhalise ngenxa yakhe.

“Abantu bamatasa ngakho ngicabange ukuthi bazosishaya indiva lesi sicelo,” kusho yena.

UDhladhla uthe ukuvota kunikeza abantu ithuba lokukhetha abaholi abafanele ukuze abantu baseNingizimu Afrika babe nezimpilo ezingcono.

Uthe umqondo umfikele ngoba usuku lwakhe lokuzalwa selusondele okhethweni lomasipala oluzoba kulo nyaka.

Abanye abantu abasha bamcele ukuthi ababhalisele, athe kuyinselelo.

Ukholwa wukuthi intsha eningi ayivoti ngoba ingenalo ulwazi olwanele. Abanye bacabanga ukuthi kuwukumosha isikhathi.

Manje uDhladhla usebenzisa amavidiyo abukhoma ku-Facebook naku-TikTok ukuze afinyelele abantu abaningi. Kula mavidiyo, ukhuluma ngokuthi kungani kubalulekile ukuvota futhi aphendule nemibuzo.

Uthe okuhle kakhulu emkhankasweni wakhe wukubona intsha isukumela phezulu. Abanye abantu bamtshela ukuthi bahlela ukwenza into efanayo ngezinsuku zabo zokuzalwa.

UDhladhla uke wavota ngaphambilini wathi usazoqhubeka nokuphusha abantu ukuthi babhalise.

“Ukuvota kubalulekile kithina bantu abasha, sinomsebenzi wokuguqula lolu hlelo ngokuvota,” usho kanje.

Osesithombeni esingenhla: UMpumelelo Innocent Dhladhla.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva