Arthur Greene
UMengameli uCyril Ramaphosa uzokwethula inkulumo kumabonakude namhlanje ebusuku mayelana nezikhukhula ezishiye kukhalwa KwaZulu-Natal nasezingxenyeni ezithile zase-Eastern Cape.
UMengameli uzokwazisa isizwe ngezinyathelo zikahulumeni kulandela inhlekelele edalwe izikhukhula yacekela phansi imizi, ingqalasizinda nezikole.
Kusukela imvula iqale ukuyidliva esikhathini esinga ngesonto esedlule, uMengameli uxoxisane ne-National Disaster Management Centre neKomidi loNgqongqoshe elibhekele ukulawulwa kwezinhlekelele.
NgoMsombuluko umbutho wezokuvikela kuleli i-South African National Defence Force (iSANDF) umemezele ukuthi uzothumela amasosha angu-10 000 ezifundazweni ezikhahlamezekile ngenhloso yokuyofaka igxalaba.
I-Operation Chariot ye-SANDF izophinde isize ngemizamo yokwakha kabusha ngemuva kokuthi izikhukhula zicekele phansi izindlu eziningi nenqwaba yamabhuloho, izikole nezibhedlela.
Okwamanje izikhukhula zibulale abantu abangu-443, kanti abanye abangu-63 basadukile.
UMengameli uRamaphosa uzokhuluma nesizwe ngo-8 ebusuku. Inkulumo yakhe izotholakala eziteshini ezinkulu zezindaba nasezinkundleni zokuxhumana zikahulumeni.
